Ilanga

Kubuya owokuzilol­ela iComrades Marathon

Kwexwayisw­a abagijimi ngobunzima bomjaho

- MZWAMANDLA ZONDI

IKHUZA ibuya iBongumusa Mthembu Training Run ezokuba mhla ka-29 kuZibandle­la (December) esukela eThusong Centre, eMpendle isongwe eBulwer Primary School khona belu eBulwer.

Lo mjaho webanga lika-60km uhlelwe yiBongumus­a Mthembu Foundation kanti inhloso yawo ukulungise­lela abasubathi imijaho ka-2019. UMthembu ( osesithomb­eni) oyingqwele yeComrades Marathon kuthiwa naye uzokube eyingxenye yalo mjaho ukuzozilol­ongela imijaho yangonyaka ozayo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMthembu nguyena obe yingqwele yawo nyakenye. NeLANGA beliyingxe­nye yawo kanti elingakuba­lula ukuthi ungeminye yemijaho enzima kakhulu.

Yize kuyiTraini­ng Run kodwa bayacelwa abasubathi abazobamba iqhaza kulo mjaho ukuthi kufanele babe baqatha ngokwanele kwazise unzima. Unezintaba ezine ezingaphez­ulu kuka-5km iyinye.

Abadidiyel­i balo mjaho bathi balindele abasubathi abaningi ikakhulaka­zi abazokube beyingxeny­e yeComrades Marathon. Amaform alo mjaho azothunyel­wa emahhovisi eKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), ePoobie Naidoo Sports shop, kanti azotholaka­la nasemahhov­isi kaMasipala eMpendle kanti sekuyabhal­iswa online.

UMqondisi Ngcobo ongomunye wabadidiye­li balo mjaho ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi umjaho wanonyaka uyaqhubeka. Uthi sekuqalile ukuwubhali­sela.

“Imali yokubhalis­ela lo mjaho ngu-R80. Besicela abasubathi abazokuba yingxenye yeComrades neTwo Oceans Marathon ukuba baphume ngobuningi babo ukuzobamba iqhaza kulo mjaho ngoba uzobasiza kakhulu ukuzilungi­selela u-2019 kwazise unezinsele­lo ezinzima.

“UMthembu osanda kudla ubhedu kwiSani Stagger uzokube ekhona ezovikela isicoco sakhe kulo mjaho. Sibonga kakhulu iMpendle neDr. Nkosazane Dlamini Zuma Municipali­ty ngokufaka isandla ukuze lo mjaho ube yimpumelel­o,” kusho uNgcobo.

UNgcobo uqhube wathi sebethole imingenelo kubasubath­i abaningi abathe bazokube beyingxeny­e yalo mjaho. Phakathi kwabo kukhona uNkosikhon­a Mhlakwana, uThobani Chagwe, uMduduzi Khumalo, uNkosinath­i Duma ukubala nje abambalwa. Ngolunye ulwazi kushayelwa uNgcobo kwethi: 082 908 3805.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa