KUZOGUGA UTSHANI KWI-SUPER CUP

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

KUZOGUGA utshani kwiPinetown Super Cup okungumqhudelwano webhola osungulwe nguScelo “Msholozi” Zuma owayengumgadli weMoroka Swallows.

Lo mqhudelwano uqala ngomhlaka-14 kuZibandlela (December) usongwe ngomhla ka-17 ezinkundleni zase-UKZN Edgewood Campus, ePinetown.

UZuma uthi lo mqhudelwano uzodlalelwa ngamakilabhu aphuma kuwona wonke amakhona aKwaZulu-Natali.

Uthi kuzodlala u-U/10, U/13, U/16 kanye no-U/19. Uthi likhulu isasa- sa ngalo mqhudelwano njengoba kukhona namakilabhu aqhamuka ngaphandle kwakulesi sifundazwe afuna ukuba yingxenye yawo.

Ukuqinisekisile ukuthi imiklomelo izobe iconsisa amathe njengoba izobe ihambisana namajezi, izinkomishi namamedali.

Uthi angakujabulela ukuthi izinkampani zifake isandla kwazise bayaludinga uxhaso.

Amakilabhu anesifiso sokuba yingxenye yalo mqhudelwano kumbe abanesifiso sokwelula isandla bangashayela enombolweni ethi: 079 559 1108 kumbe kwethi:- 061966 2950.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.