KUBHEKWE ABAGIJIMI KWEYE-AFRICAN UNION

Ilanga - - Ezemidlalo - MZWAMANDLA ZONDI

AMATHEMBA abekwe kubagijimi emidlalweni ye-African Union Sports Council (AUSC) Region 5 Under 20 eqala mhla ka-7 kuZibandlela (December) isongwe mhla ka-16 eGabarone, eBotswana.

INingizimu Afrika kule midlalo izokube imelwe ngabasubathi abangu-42 okubhekwe ukuba bawolele elakuleli izindondo.

Phakathi kwabasubathi okubhekwe ukuba benze kahle kukhona uKayle Blignaut owenza iShot Put, uGontse Morake ophethe irekhodi lakuleli le-400m Hurdles, uTharina van der Walt, Thando Dlodlo, Thembo Monareng, Rose Xeyi ukubala nje abambalwa.

Iningi labasubathi abamele iNingizimu Afrika baphuma kwiSummer Youth Olympics Games abingenyanga edlule e-Argentina.

UMengameli we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Skhosana, uthe le midlalo ibaluleke kakhulu kubasubathi. Uthi izobasiza bathole isipiliyoni esisezingeni eliphezulu njengoba bezokube bencintisana namanye amazwe enza kahle. Uthi unethemba lokuthi bazokwazi ukuphakamisa ifulegi lezwe.

Kulo mqhudelwano kuzokube kuncintiswana emidlalweni ewu-9 kanti inhlangano yezemidlalo yakuleli iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) imemezele abadlali abangaphezulu kuka-200 kuhlangene nabagijimi abazobamba iqhaza kuyo.

Amazwe azokube ekhiphana inkani kule midlalo yiZambia, iZimbabwe, iMalawi, iNamibia, iMozambique, iLesotho iKingdom of Eswatini bese kuba yiBotswana.

UCaster Semenya noLuvo Manyonga bahlulekile ukudlulela phambili kwi-International Association of Athletics Federation (IAAF) Athletes of the Year Awards azokuba ngenyanga ezayo eFrance.

ISITHOMBE NGABE: KZNCOGTA TWITTER

USINTAYEHU Yinesu wase-Ethiopia onqobe iMandela Marathon yanonyaka ungomunye wabagijimi abaphumelele kulo mjaho kodwa abangakazitholi izimali zabo kwiKZN Athletics.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.