UKhisimusi omnyama kwabanqobe iMandela
Abayitholile imali yokunqoba lo mjaho
ZINGASE zibe noKhisimusi omnyama izingqwele zeMandela Day Marathon yanonyaka njengoba kuze kube yimanje zingakakhokhelwa imihlomulo yazo.
ILANGA lithole ukuthi kuze kube yimanje abasubathi abadle umhlanganiso kulo mjaho abakakayitholi imali yabo. Lo mjaho ubungoNcwaba (August) eMgungundlovu. Kuthiwa i-Athletics South Africa (ASA) ithumelele iKZNA incwadi iyazisa ukuthi bonke abasubathi abanqobe lo mjaho batholwe bemsulwa.
Imiphumela kuthiwa ifike eKZNA mhla ka-3 kuMfumfu (October) kanti kuze kube yimanje abasubathi abakayitholi imali yabo.
IKZNA itshele leli phephandaba ukuthi nayo kayazi ukuthi ithatheni iyihlanganise nani. Ithi ilinde uMgungundlovu okuyiwona ohlela lo mjaho ukuba ufake imali bese iyaqala iyakhokha.
Leli phephandaba lithinta iMenenja yaseMgungundlovu uRay Ngcobo uthe akazi ukuthi yini ebambile ukuba bangakhokhelwa abasubathi. Uthi uzofika ehhovisi abheke ukuthi kumiphi bese ekhuluma neChief Financial Officer (CFO) abone ukuthi lolu daba baluxazulula kanjani.
“Kasithandi ukuba abasubathi baphatheke kabi. Ngizolusukumela mina mathupha lolu daba njengoba ngenza nyakenye ukuze kuthi kushaya uKhisimusi wonke umuntu eseyitholile imali yakhe.
"Uma ngithola into eqondile kwiCFO kuzokube sekufakwa imali kwiKZNA ukuze kukhokheleke abagijimi ngokushesha,” kusho uNgcobo.
Kusenjalo, abasubathi baKwaZulu-Natal bazokhiphana inkani kwiYellowood Stainbank 15km ezokuba ngeSonto kusuka ngo-6 ekuseni khona belu e-Yellowwood Park. Abadinga ulwazi ngalo mjaho bangaxhumana noFred Schoon kwethi: 083 384 4053.
IMabliza Lifestyle ihlele umjaho webanga lika-5km ozokuba kusasa ngoLwesihlanu kusuka ngo06h30 ntambama eShaka Marine World.
Lo mjaho uhlelwe nguZanele Maphumulo weMabliza Lifestyle. Inhloso yawo ukugqugquzela abantu ukuba bazivocavoce nangendlela okufanele badle ngayo, ukugwema ukukhuluphala ngokweqile.
Imali yokujoyina umjaho nguR50 kuthi abokuqala abangu-100 bazothola izikibha. Ngemuva komjaho kuzokuba nama-Aerobics.
“Lo mjaho siwuhlele ngokubambisana ne-uShaka Marine World. Sizokuba nawo njalo ngemuva kwezinyanga ezintathu. Siyafisa umphakathi sengathi ungaphumelela ngobuningi bawo. Njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesine siba nama-Aerobics khona eShaka kanti kuwona simema noma ngubani, kujoyinwa mahhala,” kusho uZanele.