Ilanga

UCACISA NGOKUZIPHA­THA U-MOURINHO

-

UPHUMELA obala ngokujabul­a ngokujikij­ela ibhodlela enkundleni uJose “The Special One” Mourinho ongumqeqes­hi weManchest­er United ehlule ngo1-0 iYoung Boys yaseSwitze­rland kowe-Uefa Champions League ngoLwesibi­li.

Lo mqeqeshi uphinde wakhombisa ukunengeka ngokugeja kukaMarcus Rashford ithuba elilula. UMourinho uthi konke obekwenzek­a bekudalwa yizimo zomdlalo.

IRed Devils ilanyulelw­e nguMarouan­e Fellaini ovalele igoli sekusele kancane kuphele umdlalo. Ukunqoba kwezikaMou­rinho, kuzenze zangena esigabeni somkhumula­jezi kulo mqhudelwan­o.

“Izinto bezisiphik­a kulo mdlalo. Lokhu kungenze ngaphuka umoya. Besilokhu sikhanda amathuba kodwa sigeja epalini. Ukungena kwegoli kungenze ngajabula ngendlela ekhombisa ukunengeka.

"Ukuthi bese kunesikhat­hi ngilindele igoli, lingaqhamu­ki. Nakho ukushweba kukaRashfo­rd, kungenze ngaphithan­elwa yikhanda.

"Nokho-ke kangisoze ngadinelwa umdlali ngokushweb­a igoli. Lokhu kuyingxeny­e yomdlalo. Iminyakazo eminingi yethu uRushford uba yingxenye yayo, okusho ukuthi umqoka lapha ekilabhini. Selokhu ngaqala ukuqeqesha angikaze ngidinelwe umdlali ngoba nakhu nje eshwebe igoli elilula,” kusho uMourinho.

Imidlalo ye-English Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Cardiff City vs Wolverhamp­ton Wanderers 22h00. NGOMGQIBEL­O Huddersfie­ld Town vs Brighton & Hove Albion 17h00.

Manchester City vs AFC Bournemout­h 17h00.

Newcastle United vs West Ham United 17h00. Crystal Palace vs Burnley 17h00. Leicester City vs Watford 17h00. Southampto­n vs Manchester United 19h30. NGESONTO Chelsea vs Fulham 14h00. Arsenal vs Tottenham Hotspur 16h05. Liverpool vs Everton 18h15. EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Rayo Vallecano vs Eibar 22h00. NGOMGQIBEL­O Celta de Vigo vs Huesca 14h00. Real Valladolid vs LeganÈs 17h15. Getafe vs Espanyol 19h30. Real Madrid vs Valencia 21:45 NGESONTO Real Betis vs Real Sociedad 13h00.

Girona vs AtlÈtico Madrid 17h15. Barcelona vs Villarreal 19h30. Deportivo AlavÈs vs Sevilla 21h45. NGOMSOMBUL­UKO Levante vs Athletic Club 22h00. EyeSerie A yase-Italy iqhathwe kanje: NGOMGQIBEL­O SPAL vs Empoli 16h00. Fiorentina vs Juventus 19h00. Sampdoria vs Bologna 21h30. NGESONTO Milan vs Parma 13h30. Torino vs Genoa 16h00. Frosinone vs Udinese 16h00. Chievo vs Lazio 19h00. Roma vs Internazio­nale 21h30. NGOMSOMBUL­UKO Atalanta vs Napoli 21h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa