UZOHLONISHWA NGEZIMPI ZESIBHAKELA U-TAP TAP MAKHATHINI

Ilanga - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

UZOHLONISHWA ngezimpi zamaamesha u-Elijah “Tap Tap” Makhathini ongenye yezinkakha ezihlonishwayo kulo mdlalo.

Lezi zimpi zizokuba ngoMgqibelo kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku18h00 eMfolozi TVET College, eShowe.

Lo mqhudelwano uhlelwa yiTap Tap Boxing Academy eholwa nguCebisa Xulu oyindodana kaTap Tap ngokubambisana noMasipala waseMlalazi nomNyango Wezemidlalo esifundeni iKing Cetshwayo.

UXulu uthi kuyacaca ukuthi abantu basazifela ngoyise ngoba nabe-Orange Groove bayingxenye yalezi zimpi. Uthi bahlela ukuthi kube nezimpi ezingu-37 ngalolu suku.

UXulu ubeyingxenye yethimba ebelihambele izifundo zokuphathwa kwalo mdlalo ezidonse amasonto amathathu eThekwini. Bonke abebehambele lezi zifundo, bazokuba yingxenye yalo mqhudelwano. USandile Sibisi onguMengameli weKwaZulu-Natal Olympic Style Boxing Organisation, uthe inhloso yokuthi lezi zimpi zihanjelwe ngabebeqeqeshwa, wukuhlola ukuthi bayakwenza yini abebekufundiswa.

Uthi bajabule kakhulu ngokuba yingxenye yezimpi zokuqhakambisa iqhaza likaTap Tap kulo mdlalo. Ubonge zonke izinhlaka ezithintekayo ezenze konke ukuze lezi zimpi zibe khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.