Ilanga

OwoSuthu ufuna ijezi likaKhune kwiBafana

Wenze ezibukwayo AmaZulu FC enqoba ekuhambeni

- SENZO SOKHELA

UFUNA ijezi lika-Itumeleng Khune ovimbela iKaizer Chiefs unozinti wamaZulu FC ogila izimanga kule kilabhu eholwa nguDkt Patrick Sokhela.

USuthu lumangaze abathandi bebhola lubuya namaphuzu amathathu luguqisa ngo-2-1 iHighlands Park kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li kusihlwa eMakhulong Stadium, eTembisa.

Amagoli okunqobe ngawo uSuthu aqatshulis­we inethi nguSiyabon­ga “Bhele” Nomvethe no-Emiliano Tade, kwathi eleHighlan­ds lona lashaywa nguLindoku­hle Mbatha.

USuthu alukabuyi KwaZuluNat­ali njengoba izolo ngoLwesith­athu emini lubambe indiza ebheke eBhayi lapho luzobhekan­a khona neChippa United koweligi kusasa ngoLwesihl­anu ngo-20h00 eNelson Mandela Bay Stadium.

USiyabonga “Nqaba” Mbatha owenza ezibukwayo emapalini oSuthu uthi uhlose ukwenza izinto ezimbili ngale sizini ezimqoka empilweni yakhe okungukusi­za uSuthu lungagengc­wa yizembe nokuhlwith­a ijezi likaKhune eqe-njini lesizwe lakuleli iBafana Bafana.

“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukumela izwe lakhe nami ngiyafisa ngelinye ilanga ukumela izwe lami, akukhathal­ekile ukuthi yimuphi umdlalo.

"Ngokwami ukhakhayi lwami seluqine ngokwanele manje ukuthi ngingavimb­a eqenjini lesizwe ongakukhol­wa lokho akanginike ithuba khona ezozikhole­lwa.

"Ngendlela engidlala ngayo ngikholwa wukuthi kufanele engabe sengike ngalinikwa ithuba kodwake ngizofuqa nje ngoba ngikholwa wukuthi esami isikhathi sizofika,” kusho uMbatha.

Ushaya phansi ngonyawo uthi ezakhe ngeke ziye ehlathini.

“Umdlalo weHighland­s usenze sakholwa wukuthi kuyawineka ekuhambeni kwazise besinovalo njengoba besingakaz­e siwine sihambile.

"Kodwa-ke sizoyilwel­a le kilabhu sizokuqini­sekisa ukuthi ayiyi ehlathini.

"Umdlalo weChippa uzoba nzima kodwa ukunqoba iHighlands isekhaya kusinike elikhulu ithe-

UMQEQESHI UKHALE NGOMUTHI OMUSHA BELAHLA AMAPHUZU

ULAHLE amaphuzu amqoka wacabanga ukuyothola umuthi omusha umqeqeshi wekilabhu egijima kwi-Absa Premiershi­p.

IMaritzbur­g United ishayane yaze yabukana neChippa United kuba ngu-0-0 kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li kusihlwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Abaqeqeshi bala makilabhu baye kulo mdlalo bebhekene nengcindez­i kwazise imiphumela iyabaphika.

Ezabo sezigijime imidlalo eminingi zinganqobi.

Nokho iChippa ibe nebhadi kulo mdlalo njengoba ibiwuthwel­e, yahlulwa wukufaka ibhola enethini kwazise iMaritzbur­g ibingalibo- mba.

"Amakilabhu amakhulu afikile kwiHighlan­ds angahamba namaphuzu amathathu kodwa thina sahamba nawo singanikwa lutho.

"Ehlathini yilapho esingayi khona abacabanga kanjalo abakhohlwe,” kusho uMbatha.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p isiyonke ngempelaso­nto iqhathwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs AmaZulu FC 20h00. NGOMGQIBEL­O EMakhulong Stadium: Highlands ni elidlalayo ilandela izithunzi ikakhuluka­zi ngesiwombe sesibili.

U-Eric Tinkler ololonga iChippa uthi kuduma ikhanda njengoba becazelana amaphuzu namakilabh­u okufanele ngabe bayawahlul­a.

Uthi nasemdlalw­eni abebebheke­ne kuwona neKaizer Chiefs obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini kungekho balandeli bacazelane nayo amaphuzu singekho isidingo njengoba umdlalo uphele ngo-0-0.

“Kuzofanele sithole umuthi omusha ngoba sidlala ibhola elihle kodwa sicazelane amaphuzu na-makilabhu okufanele ngabe siya-wehlula.

Lo mdlalo bekufanele siwunqobe, siwuyeke thina, iMaritzbur­g besiphezu kwayo kodwa senza izinqumo ezingafane­le. Park vs Cape Town City FC 15h30.

EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Kaizer Chiefs 18h00.

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Maritzburg United 20h15. EThohoyand­ou Stadium: Black Leopards vs Bidvest Wits 20h15. NGESONTO ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Mamelodi Sundowns 15h30.

EDr Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs Polokwane City 15h30.

"Kodwa-ke ngoba asihlulwan­ga ngeke ngikhale kangako kodwa kufanele sizame ukuzilungi­sa izinto ngoba amaphuzu ahambile ahambile awabuyeli emuva,” kusho uTinkler.

UFadlu Davids ololonga iMaritzbur­g uthi nabo bebengawun­qoba lo mdlalo ngoba bawatholil­e amathuba bangawaseb­enzisa.

“Ngesiwombe sesibili cishe imizuzu engu-25 yonke iChippa ibiphezu kwethu kodwa umdlalo uphele sesiyibamb­ile.

Lo mdlalo bekufanele siwusonge ngesiwombe sokuqala sithole amathuba amahle sangawaseb­enzisa.

Kodwa-ke kuningi okufanele sikulungis­e ngoba amagoli ayanqaba ibhola alivumi silifake enethini,” kusho uDavids.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ISIHLABANI seBanyana Banyana uThembi Kgatlana sidlula kuYakare Niakate weMali kowe-semi final ye-African Women's Cup of Nations ngoLwesibi­li eGhana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ISIHLABANI seBanyana Banyana uThembi Kgatlana sidlula kuYakare Niakate weMali kowe-semi final ye-African Women's Cup of Nations ngoLwesibi­li eGhana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa