BADONSWE NGENDLEBE ABADLALI BEBANYANA

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli labesifazane iBanyana Banyana udonse ngendlebe abadlali bakhe ngaphambi komdlalo omqoka wale kilabhu.

IBanyana igile izimanga yaqopha umlando iphumelela ukungena okokuqala ngqa emidlalweni yeNdebe yoMhlaba iguqisa ngo-2-0 iMali kwi- semi final yeAfrica Women’s Cup of Nations (AWCON) ngoLwesibili kusihlwa eGhana okuyilapho kuqhubeka khona le midlalo.

IBanyana izobhekana neNigeria kowamanqamu walo mqhudelwano ngoMgqibelo ngo-18h00.

“Sonke kusijabulisile ukuthi sifeze iphupho leminyaka njengoba singene emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba.

"Ngesikhathi nami ngisadlala ngihlulekile njengoba sengizokwenza ngingumqeqeshi.

"Kodwa-ke kufanele sijabule sibuyele nganeno ngoba umsebenzi awukapheli.

"Kufanele sikhohlwe kancane manje yilo mlando esiwenzile sibhekane nalo mdlalo weNigeria.

"Kuzofanele singakufaki emakhanda ukuthi sibahlule ngo-1-0 kowamaqoqo ngoba sizoba senkingeni.

"Empeleni umsebenzi yima uqala, kufanele siphindele ekhaya siphethe le nkomishi.

"Sizokulwela lokho sengikhulumile nabadlali bami ngabatshela ngokubaluleka kokuthi sibuyele ekhaya nale nkomishi. Umoya uphezulu njengoba besajabulela ukuya emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba,” kusho u-Ellis.

ICameroon neMali bazolwela indawo yesithathu emdlalweni abazobhekana kuwona kusasa ngoLwesihlanu ngo-18h00.

Ozonqoba naye uzozitholela ithikithi lokuya emidlalweni yeNdebe yoMhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.