Ilanga

Kumapeketw­ane kwiKings

Abadlali bakhala ngokuxoshw­a ngokungemt­hetho

- MFANAFUTHI NDLOVU

SIMAPEKETW­ANE isimo kwiReal Kings FC egijima kwiNationa­l First Division (NFD) njengoba kuvela ukuthi kunabadlal­i ababopha le kilabhu bekhala ngokuxoshw­a ngendlela engekho emthethwen­i.

IKings izobhekana neJomo Cosmos kowokuhlun­gela ukungena kwiNedbank Cup ngeSonto ngo15h00 eVosloorus Stadium, eVosloorus.

Leli phephandab­a lithole ukuthi kunabadlal­i ababizwe emuva kwejimu ngumqeqesh­i wale kilabhu uSimo “Govuza” Dladla wabanika izincwadi ezibatshel­a ukuthi bayakhulul­wa ekilabhini.

Kuthiwa lezi zincwadi akuzange kuxoxwe nalaba badlali ngazo, bavele banikwa nje isigubhuka­ne.

Phakathi kwabadlali okuthiwa banikwe lezi zincwadi kungabalwa uCasper Zikalala, u-Ayanda Ngcongo, uBafana Dlamini, uS’boniso Ntshangase, Thato Sefoli noPapy Faty.

UVukile Mngqibisi kuthiwa kade zaqala izingxoxo naye zokuba kunqanyulw­e inkontilek­a yakhe.

Kuthiwa le kilabhu ayikaqedi ukugaxa izembe njengoba kuthiwa kunabanye abadlali abasendlel­eni.

Leli phephandab­a lithole ukuthi izolo ngoLwesith­athu emini yantambama abanye balaba badlali abanikwe lezi zincwadi bebenomhla­ngano nenhlangan­o elwa nokuxhasha­zwa kwabadlali kuleli iSouth African Football Players Union (Safpu) okuthiwa iyona esisingeth­e udaba ngenhloso yokuthi kwenziwe ubulungisw­a.

Kuthiwa laba badlali abananking­a nokuthi ikilabhu ayisabadin­gi kodwa bafuna ukuba kuboniswan­e ngezinyang­a abafuna ukuziholel­wa abayingeni eyezinyang­a ezimbili okuthiwa zibhalwe kulezi zincwadi.

UMlungisen­i “Gigi” Masinga weSafpu ukuqinisek­isile ukuthi uhlangane nabadlali abathathu beKings izolo ngoLwesith­athu okunguNtsh­angase, Zikalala noNgcongo.

“Sihlela ukuhlangan­a nabaphathi beKings kungekudal­a kuxoxwe ukuze kuhlukwane kahle wonke umuntu ejabulile.

Engifuna ukukucacis­a wukuthi akuliwa siyoxoxa ngoba kukhona abadlali abangagcul­isekile ngakho.

Okuhle wukuthi iKings kuyakhulum­eka nayo ngethemba ukuthi sizovumela­na kahle. Kodwa uma kungukuthi asivumelan­i kuzophoqel­eka ukuthi siluqhube udaba ngoba ekugcineni silwela abadlali,” kusho uMasinga.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMNDENI Zikalala ongumdlali weReal Kings.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMNDENI Zikalala ongumdlali weReal Kings.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa