IHAQWE YIZINKINGA I-RICHARDS BAY FC

Ilanga - - Ezemidlalo -

IHAQWE yizinkinga iRichards Bay FC egijima kwiNational First Division ngaphambi komdlalo wayo omqoka nomkhaya.

IBay FC izobhekana neRoyal Eagles emdlalweni wokuhlungela ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eRichards Bay Sports Complex.

US’fiso “Jomo” Biyela ongumnikazi weBay FC utshele ILANGA izolo ngoLwesithathu ekuseni ukuthi ezakhe ziya kulo mdlalo nje zibhekene nenkinga yabadlali abazobe bengekho ngenxa yezizathu ezahlukene.

Uthi uSandile Kubheka odlala esiswini kuzobe kushada udadewabo kanti ngenxa yokuthi nguyena umfana kubo kufanele kube nguye omkhiphayo.

Uthi bahlalele ovalweni ngoKhulekani “Chillies” Madondo, uStanley Muishond noMichael Gumede abalimale le kilabhu ibambana ngo-0-0 neWitbank Spurs ngeledlule koweligi kuyo le nkundla.

Uthi uma kungukuthi laba badlali kabalulami usebeke ithemba kulabo abazonikwa ithuba ngoba bayayidinga le wini.

Ube esecela abalandeli ukuba baphume ngezinkani ukuzokweseka le kilabhu.

UJames “Matatazela” Dlamini oyimenenja jikelele ye-Eagles utshele ILANGA ukuthi unzima lo mdlalo weBay FC kwazise kubhekene amakilabhu angomkhaya.

Uthi okuhle kakhulu wukuthi bazokuya kulo mdlalo ngaphandle komthetho ka-U/23 njengoba womabili amakilabhu ezongena enkundleni nesikwati esiqinile.

Uthi umphumela wangeledlule beguqisa ngo-10 i-Ajax Cape Town ufike ngesikhathi esihle osekwenze abadlali bazikhandla ejimini.

Uthi umqeqeshi wabo (uSazi Ngubane) usenkingeni enkulu yokulola abadlali njengoba bonke bezimisele ukuba yingxenye yalo mdlalo womkhaya.

Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup engempelasonto imi kanje:NGOMGQIBELO E-Athlone: Cape UMoya United vs TS Sporting 15h00.

EMhlathuze Sports: Richards Bay FC vs Royal Eagles 15h00.

EPuma Rugby: Witbank Spurs vs UThongathi FC 15h00.

ETuks: University of Pretoria vs Maccabi FC 15h00. NGESONTO EKameelrivier: TS Galaxy vs Ajax Cape Town 15h00.

EThoyandou: Tshakhuma vs Ubuntu CT 15h00.

EVosloorus: Jomo Cosmos vs Real Kings 15h00.

E-Idas Valley: Stellenbosch FC vs Mbombela United 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.