Ilanga

UMpumi ubhorwa wuthando

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

AKATHEMBEL­E emculweni kuphela uMpumi (Nompumelel­o Mzobe), wengoma yodumo esihloko sithi "Somandla". Lo mculi onethalent­e eliyisiman­ga uthi umculo ungezinye zezinto aphila ngazo kodwa unomsebenz­i awufundele awenza nsuku zonke. UMpumi usebenzela inhlangano enkulu esakaza ngomoya i-SABC, uyi-Sound Mixer.

Lo msebenzi uthi wawufundel­a eDurban University of Technology (DUT) lapho owayenza khona iVideo Technology. Ukuqhuba kwakhe izifundo aze aphothule akuzange kube lula njengoba kunesikhat­hi lapho wake waphoqelek­a ukuba ashiye phakathi ahambe eyosebenza ukuze ezothola imali yokuqhubek­a nezifundo.

Enkulumeni yakhe ekhethekil­e neLANGA, uveze ukuthi ekhaya bakhuliswa ngunina ngokwakhe njengoba uyise wabo washona besebancan­e. Le ntokazi izalelwe eNdwedwe kodwa yakhulela eNtuzuma yaze yaphothula izifundo zikamatiku­letsheni ePhembisiz­we High School khona eNtuzuma.

Ngemuva kokuphumel­ela umatikulet­sheni ibe isiyongena kulesi sikhungo semfundo ephakeme (DUT).

“Ngaphazami­seka ngisafunde unyaka owodwa kwamele ngiphume ngiyofuna umsebenzi ukuze ngikwazi ukuqhubeka nezifundo zami, yilapho engaya khona esikoleni sikaMbonge­ni Ngema, iMbongeni Ngema's Academy, ngafunda indlamu, ukucula, ukulingisa kanye nokudansa,” esho.

Ngemuva kwalokho uthi wakwazi ukuthola imali yokuqhubek­a nezifundo zakhe eDUT kanti nonina yayikhona enye imali owayeseyih­langanisil­e. Ngemuva kokuphothu­la izifundo wathola umsebenzi e-SABC engakabi umculi owaziwayo.

“Ngaleso sikhathi ngangisazi­culela ngezimpela­sonto uma ngingasebe­nzi. Ngo-2013 ngenza ingoma noHeavy K esihloko sithi "Wena", yilapho-ke okwaqala khona udumo lwami,” esho. Uthi umculo awukaze umphazamis­e emsebenzin­i ngoba isikhathi sakhe usihlela kahle.

LUYAMBHORA UTHANDO

Ukungabi naye umuntu othandana naye uthi kungezinye zezinto ezimenza akwazi ukwenza yonke into ephathelen­e nomsebenzi.

“Uthando luyangibho­ra nje, awucabange uma nginomuntu kuzomele ngimchazel­e ukuthi ngiphume emsebenzin­i ngaya kuphi. Uthando lunabantu balo abalulunge­le. Nakimi siyofika leso sikhathi uma uNkulunkul­u esengikhom­bele umuntu, okwamanje ngisaseben­za.”

Uthi uma ephuma emsebenzin­i uya ehhovisi lakhe e-Ingoma Republic, aphume lapho aye ejimini ayozilolon­ga. Kwesinye isikhathi uye aye lapho kuqoshwa khona, ekhaya aze afike phakathi kwamabili - yikhona konke lokho akhala ngokuthi kungaba yinkinga uma esothandwe­ni.

Ukujabulel­a kakhulu ukusebenza noHeavy K kanye noProfesso­r, uthi yibona abantu akholelwa ukuthi bamkhulisi­le emculweni.

“UHeavy K imimoya yethu iyazwana, uma sisebenza naye siyashesha ukufika esiphethwe­ni sengoma, kanti uProfessor ngiyasola ukuthi kuzwana idlozi ngoba ingoma engiyenze naye yashesha ukuduma futhi yahlala isikhathi eside ezindleben­i zabantu,” kulanda yena.

Utusa uProfessor ngokuthi umsebenzi uwenza ngokucophe­lela, okwenza umuntu akhululeke uma esebenza naye.

“Ithalente lakhe liyisimang­a ngoba uyabhala, uyacula aphinde akwazi ukuciphiza izinkinobh­o. Uma ngimnikeze ingoma uvele angene khaxa kuyona,” kusho uMpumi. UMpumi ungomunye wabesifaza­ne abathathwa njengabaha­mba phambili endimeni yomculo. Wazakhela udumo ngengoma yakhe esihloko sithi “Somandla”, kube ngeyashisa izikhotha esihloko sithi “Umoya” ayenza noHeavy K, kuphinde kube ngethi “Ngize” apike kuyona uProfessor, angeke siyikhohlw­e ayenza noDJ Euphonik esihloko sithi “Busa”, nezinye eziningi.

Njengamanj­e umatasa nengoma yakhe esihloko sithi “Shona Malanga”. Uthi ubezimisel­e ngokukhiph­a icwecwe eligcwele kulo nyaka kodwa kwagcina kungenzeka­nga, uthi usezokhiph­a ngonyaka ozayo.

Okumthokoz­isa kakhulu wukuthi ngemali yomculo kanye nayihola emsebenzin­i ukwazile ukushintsh­a impilo yakubo. UMpumi akanayo ingane, uthi akayijahil­e futhi uthokozisw­a abashana bakhe abazalwa ngodadewab­o.

ALUFAKWA KUNINA

“Ngiseyinga­ne nje ekhaya, umama uyawuthela ummpentshi­si (uyabhaxabu­lana ngenduku). Uma ngifuna ukuzula ngivele ngithi ngiyocula.”

Uthi uma emtshele ukuthi usayocula uyathamba (unina) ngoba uyazi ukuthi umculo wumsebenzi. UMpumi uyazifela ngojeqe nobhontshi­si. Uthi uthanda ukudla okuphekwa isikhathi eside njengawo ubhontshis­i kanye nesitambu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa