Kuqhume iqupha kwamuncu enkantolo
Kuboshwe induna isolwa ngokuthenga izinkabi
KUQHUME iqupha kwakhalwa ubumayemaye ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesibili kade kuvela abasolwa abathathu ecaleni lokubulala owesilisa waseRockdale, KwaNdengezi.
Kusuke isidididi ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuhlehla icala lokubulala elibhekene noMnu Felokwakhe Ndlovu - oyinduna ngaphansi kwesizwe saseMangangeni, eZwelibomvu - uMnu Siyabonga Ndlovu noMnu Nkosinathi Mbambo.
Abamangalelwa babhekene necala lokubulala uMnu Thulani Nxumalo odutshulwe ngentululwane yezinhlamvu eseyongena emzini wakhe ngoMandulo (September) kade ephuma emhlanganweni.
Bese bevela okwesibili enkantolo, icala labo lahlehliselwa umhla ka-11 kuZibandlela (December) ngoba umsolwa wesibili, uMnu Ndlovu (Siyabonga), eshintshe ummeli wakwaLegal Aid, wakhetha azomkhokhela. Indlela ebeziqine ngayo ezokuphepha enkantolo, bekukhona namaphoyisa ophiko lwe- task team abeqaphe umphenyi wecala.
Kube neziwombe ezahlukene njengoba abantu abebegcwele ngaphandle kwenkantolo bebefuna ukungena ngaphakathi yize belingakaqali icala abebeye kulona.
Bamiswe ngaphandle kwaze kwaba liyaqala icala, nakhona kugcine kungeniswe imindeni kuphela.
Ngesikhathi bemi ngaphandle, ubuzibonela nje ukuthi bayahalelana njengoba bekulokhu kugudlwana phakathi kwamalungu omphakathi namanye amalungu emindeni yabasolwa.
Ngisho sekungaphakathi enkantolo, bekuthukwana, kubizwana ngaphansi kweziketi. Kugcine kungenelela amaphoyisa, ekhuza. Libe wukuhlehla nje icala, zathuthana ngaphandle kwenkantolo, kwaqhuma iqupha kulwa umndeni kamufi nesihlobo somunye wabasolwa, ochazwe njengowakubo kwenduna.
Nakhona lapho kudingeke ukuba kungenelele amaphoyisa abenkanise ngaphandle kwenkantolo.
Inhlamba ibilokhu isho phezulu kubizwana ngaphansi kweziketi, ngisho nasemaphaseji enkantolo. Indodakazi kamufi - elingatholakalanga igama layo - ibivutha ingabaselwe, isho ukuqeda amanye amalungu emindeni yabasolwa, isho nokusho ukuthi abasolwa babulala uyise mabangayitholi ibheyili.
Lokho kuholele ekubeni ikhishwe ngaphandle kwesakhiwo senkantolo.
Kusolwa ukuthi uMnu Ndlovu (Felokwakhe), nguyena othumele izinkabi ukuba zibulale uMnu Nxumalo.
Lokhu kufakazelwe nayisenzo sombuso sokufaka elinye icala lokuhlangana ngenhloso yokwakha itulo lokubulala. Ilungu lomndeni wakwaNxumalo, elicele ukungadalulwa, lithe bakhathazekile ngoba bayesatshiswa yizihlobo zabasolwa, kangangoba kukhona asebeye ngisho emaphoyiseni ukuyovula icala.
“Simile ekutheni abasolwa mabangayitholi ibheyili.
"Sibonga nomphakathi ngokuseseka,” kusho leli lungu lomndeni kamufi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokushaya elivuliwe, kodwa bekungakaboshwa muntu.