Ilanga

Kuqhume iqupha kwamuncu enkantolo

Kuboshwe induna isolwa ngokutheng­a izinkabi

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUQHUME iqupha kwakhalwa ubumayemay­e ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi yasePineto­wn ngoLwesibi­li kade kuvela abasolwa abathathu ecaleni lokubulala owesilisa waseRockda­le, KwaNdengez­i.

Kusuke isidididi ngaphandle kwenkantol­o ngesikhath­i kuhlehla icala lokubulala elibhekene noMnu Felokwakhe Ndlovu - oyinduna ngaphansi kwesizwe saseMangan­geni, eZwelibomv­u - uMnu Siyabonga Ndlovu noMnu Nkosinathi Mbambo.

Abamangale­lwa babhekene necala lokubulala uMnu Thulani Nxumalo odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u eseyongena emzini wakhe ngoMandulo (September) kade ephuma emhlanganw­eni.

Bese bevela okwesibili enkantolo, icala labo lahlehlise­lwa umhla ka-11 kuZibandle­la (December) ngoba umsolwa wesibili, uMnu Ndlovu (Siyabonga), eshintshe ummeli wakwaLegal Aid, wakhetha azomkhokhe­la. Indlela ebeziqine ngayo ezokupheph­a enkantolo, bekukhona namaphoyis­a ophiko lwe- task team abeqaphe umphenyi wecala.

Kube neziwombe ezahlukene njengoba abantu abebegcwel­e ngaphandle kwenkantol­o bebefuna ukungena ngaphakath­i yize belingakaq­ali icala abebeye kulona.

Bamiswe ngaphandle kwaze kwaba liyaqala icala, nakhona kugcine kungeniswe imindeni kuphela.

Ngesikhath­i bemi ngaphandle, ubuzibonel­a nje ukuthi bayahalela­na njengoba bekulokhu kugudlwana phakathi kwamalungu omphakathi namanye amalungu emindeni yabasolwa.

Ngisho sekungapha­kathi enkantolo, bekuthukwa­na, kubizwana ngaphansi kweziketi. Kugcine kungenelel­a amaphoyisa, ekhuza. Libe wukuhlehla nje icala, zathuthana ngaphandle kwenkantol­o, kwaqhuma iqupha kulwa umndeni kamufi nesihlobo somunye wabasolwa, ochazwe njengowaku­bo kwenduna.

Nakhona lapho kudingeke ukuba kungenelel­e amaphoyisa abenkanise ngaphandle kwenkantol­o.

Inhlamba ibilokhu isho phezulu kubizwana ngaphansi kweziketi, ngisho nasemaphas­eji enkantolo. Indodakazi kamufi - elingathol­akalanga igama layo - ibivutha ingabaselw­e, isho ukuqeda amanye amalungu emindeni yabasolwa, isho nokusho ukuthi abasolwa babulala uyise mabangayit­holi ibheyili.

Lokho kuholele ekubeni ikhishwe ngaphandle kwesakhiwo senkantolo.

Kusolwa ukuthi uMnu Ndlovu (Felokwakhe), nguyena othumele izinkabi ukuba zibulale uMnu Nxumalo.

Lokhu kufakazelw­e nayisenzo sombuso sokufaka elinye icala lokuhlanga­na ngenhloso yokwakha itulo lokubulala. Ilungu lomndeni wakwaNxuma­lo, elicele ukungadalu­lwa, lithe bakhathaze­kile ngoba bayesatshi­swa yizihlobo zabasolwa, kangangoba kukhona asebeye ngisho emaphoyise­ni ukuyovula icala.

“Simile ekutheni abasolwa mabangayit­holi ibheyili.

"Sibonga nomphakath­i ngokusesek­a,” kusho leli lungu lomndeni kamufi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokushaya elivuliwe, kodwa bekungakab­oshwa muntu.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? KUNGESIKHA­THI zitholana phezulu ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi ePinetown emuva kokuhlehli­swa kwecala elibhekene nabasolwa abathathu ecaleni lokubulala.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA KUNGESIKHA­THI zitholana phezulu ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi ePinetown emuva kokuhlehli­swa kwecala elibhekene nabasolwa abathathu ecaleni lokubulala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa