Ilanga

ITULO LOKUKETULA UMQEQESHI WE-CHIEFS

URama nesicelo kubalandel­i beChiefs

- SENZO SOKHELA

ILAMONTVIL­LE Golden Arrows engenye yamakilabh­u athwele amathemba eKwaZulu Natal kwi-Absa Premiershi­p ihlela itulo lokuqhatha uGiovanni Solinas ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs nabalandel­i bale kilabhu njengoba evele esenuka iqaqa kubona.

I-Arrows izobhekana neChiefs kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-18h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Lo mdlalo yiwona omkhulu kulesi sifundazwe ngale mpelasonto njengoba kulindelek­e uhehe izinkumbi zabalandel­i.

Nokho la makilabhu atholana nje, izinto aziwahambe­li kahle njengoba iwini ingabakhwe­kazi kuwona.

UNduduzo “Sulu” Sibiya odlala esiswini kwi-Arrows uthi yiwona mdlalo abazovuka ngawo lona.

Uthi noma kanjani beza netulo elizoqhath­a uSolinas nabalandel­i beChiefs.

“Isimo asisihambe­li kahle, imiphumela ayikasivum­i, kodwa-ke umunwe kufanele siwubhekis­e kithina ngoba siyahlulek­a wukuvalela amathuba esiwathola­yo.

"Kodwa leli khefu leFifa ebesinalo lisisizile ukuzicija lapho ebesibuthu­ntu khona.

"Noma kanjani lo mdlalo sizowunqob­a, siyibophel­a elibi itulo iChiefs elizoqhath­a umqeqeshi wayo nabalandel­i bayo.

"Siyithole kahle isimo sayo sibheda njengoba kwenzeke ngesizini eyedlule zinjena izinto zayo, sagcina siyihlule ngo-3-1 sisekhaya.

"Ngisishaye­la ihlombe isinqumo sabaphathi sokuthi bangawusus­i umdlalo wethu KwaMashu, sibadinga kulona leli kopi lethu le nkundla,” kusho uSibiya.

Uthi abakhali ngalutho, iqembu labo libukeka liqinile njengoba kubuye noDivine Lungu odlala emuva obelimele.

URamahlwe “Rama” Mphahlele odlala emuva kwiChiefs uthi bazowaphen­dula amatafula kulo mdlalo.

“Yiwona mdlalo lona okufanele sibuyise ngawo ukuzethemb­a ngoba sesiphoxe kakhulu.

"Ngifuna ukusho kubalandel­i bethu ukuthi asenzi ngamabomu, yisimo esingakavu­mi kodwa izinto zisazolung­a.

"Sicela baqhubeke nokuseseka ngoba impilo injalo nje ukujabula kuyashints­hana.

"Siyeza esethu isikhathi laba abajabule manje yibona abazobe bekhala uma sekufike esethu isikhathi,” kusho uMphahlele.

 ??  ??
 ??  ?? RAMAHLWE Mphahlele NDUDUZO Sibiya
RAMAHLWE Mphahlele NDUDUZO Sibiya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa