Kuningi ongakwenza eSimangaliso

Kukhuthazwa wonke umuntu ukubamba iqhaza ukuvikela imvelo

Ilanga - - Izindaba - NONHLAKANIPHO SHINGA [email protected]

NJENGOBA sekuyisikhathi samaholide kaKhisimusi, kuningi abantu abathanda ukushaywa wumoya abangakwenza uma bevakashele izindawo ezakhele ipaki enkulukazi, iSimangaliso Wetland Park, eMkhanyakude, eqanjwe ngaleli gama ngo-2007 njengoba beyaziwa ngeGreater St Lucia Wetland Park.

Leli paki lithathe indawo engamahektha awu-332 000 omhlaba oyikhaya lezilwane zasemanzini nezihlala emhlabeni owomile. Amabhishi akhele leli paki, athatha amakhilomitha awu-220 kwiIndian Ocean.

Izindawo esingazibalula ezihanjelwa yizivakashi zaseNingizimu Afrika nezivela emazweni angaphandle, kubalwa iLake St Lucia ethathwa njenge- estuary (lapho kuhlangana khona imifulakazi eyahlukene) ebalulwa njengenkulukazi e-Afrika.

Imihlambi emikhulukazi yezimvubu neyezingwenya itholakala kulona leli paki.

I-St Lucia engaphandle kwedolobha uMtubatuba, kuningi okutholakala kuyo.

Kuningi-ke ongakwenza eSt Lucia okuhlanganisa nokuhambela ihlathi elikule ndawo, elinezinyoni ezahlukene eziyizinhlobo ezingaphezulu kuka-530.

Kulezi zinyoni, kubalwa iCaribbean Elaenia, iYellow Bellied Elaenia, iLesser Antillean Pewee neGray Kingford.

UMnu Themba Mthembu, weZulu Birding Consulting, ophelezela izivakashi kuleli hlathi abafundise ngezinhlobo ezahlukene zezinyoni, uthe: "Singabantu kuningi esingakufunda ezinyonini njengoba zingahlali nhlobo endaweni engcolile nakuleyo enemvelo eyonakele.

"Kuke kube nezivakashi eziphu- ma ngisho ezifundazweni ezahlukene ezihambela leli hlathi ngoba zifisa ukubona inyoni ethile,” kusho uMnu Mthembu.

Uthi uyaye akhuthaze nabantu basendaweni ukuba babambe iqhaza ekuvikeleni lezi zinyoni njengoba nazo zineqhaza ezilibambayo ekufikeni kwezivakashi kuleli paki.

Phakathi kwezindawo ongazivakashela, singabala iFalse Bay Park, iSt Lucia Game Reserve, iLake Sibhayi, iSt Lucia Marine Reserve, iSt Lucia Marine Sanctuary, iCape Vidal edume ngokuba namabhishi aluhlaza okwesibhakabhaka, uMkuze Game Reserve, iLake Ertza Nature Reserve, iKosi Bay eseduze nomngcwele weNingizimu Afrika neMozambique.

Nalo ulwandle lwakhona luluhlaza okwesibhakabhaka, lunesihlabathi esimhlophe. Ungaphinde uvakashele iSodwana Bay National Park, iMaputaland Marine Reserve neMaphelane Nature Reserve.

Uma uthanda izilwane ezahlukene eziqiwini, kuleli paki ubona izilwane ezinjengezindlulamithi namabhubesi.

EKosi Bay ubona into ekushiya umangele njengoba kunezinhloboezahlukene zezimfudu ezibeka amaqanda ezidlekeni zazo ezigudle ulwandle.

Enye indawo eheha izivakashi, yiMaphelane Dune, yintaba eyakhiwe yisihlabathi, ende kunazo zonke eSimangaliso, njengoba ubude bayo buwu-183m.

EMaphelane ukwazi ukwenza into ebizwa nge- sand dune trail, lapho ungaqwala khona isihlabathi, ubuke imvelo ube uzivocavoca ngesikhathi esisodwa.

Ezinye iziqiwi zinezindawo lapho ukwazi ukuyocutha khona ubuke izilwane ezahlukene.

Uma ungumuntu othanda ukufunda noma ukuzibukela izilwane eziphila ngaphansi kwamanzi, ungavakashela eSodwana lapho ukwazi ukutshuza ngaphansi kwamanzi ubuke imibala ekhangayo yezitshalo ezimile phansi kolwandle nempilo yakuleli lizwe.

Uphinde ukwazi ukuhamba ngesikebhe emadanyini ehlukene angaphansi kwayo le ndawo.

KUNEZIVAKASHI eziphuma ngisho ezifundazweni ezahlukene ezihambela izindawo ezingamahlathi ngoba zifisa ukubona uhlobo oluthile lwezinyoni.

IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

UPHINDE ukwazi ukuhamba ngesikebhe emadanyini ahlukene nasolwandle eSodwana Bay, engaphansi kweSimangaliso Wetland Park.

ESODWANA Bay, ukwazi ukutshuza ngaphansi kolwandle, ubuke imibala ekhangayo yezitshalo ezimilile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.