UDavids ujike endleleni ukujoyina iChiefs
Kuthiwa uyinyomfe ngokufunela nomfowabo umsebenzi
KUPUTSHUKA izindaba zokuthi ibhidlike ngemizuzu yokugcina imizamo yokuqasha uFadlu Davids ongumlolongi weMaritzburg United ekubeni ngumsizi ka-Ernst Middendorp osanda kwethulwa yiKaizer Chiefs njengomqeqeshi wayo omusha.
IChiefs imemezele ngeledlule ukuthi isimxoshile uGiovanni Solinas wase-Italy obengumqeqeshi wayo nobengumsizi wakhe uPatrick Mabedi. Ibe isibuyisa uMiddendorp osayine inkontileka yeminyaka emibili nesigamu nale kilabhu yakwaMotaung.
Kakuphelanga izinsuku ezingakanani yabe isimemezela uShaun Bartlett njengomsizi kaMiddendorp. ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi uMiddendorp usebenza noBartlett nje, umnikwe ngabaphathi beChiefs. Kuthiwa ubefuna uDavids kube nguyena ozomsiza kodwa abaphathi abangavuma.
“Konke bekuhamba kahle, uDavids esevumile ukuzosiza uMiddendorp kodwa izingxoxo zoniwa wukuthi (uDavids) ubefuna kuqashwe nomfowabo ongumsizi wakhe kwiMaritzburg, uMaahier.
Kube wukubheda kwezingxoxo okuphoqe ukuba iChiefs ilande uBartlett. Bazosebenza nje naye kodwa uMiddendorp ubefuna ukuyibamba noFadlu ngoba usiqonda kangcono isitayela asidlalisayo,” kusho lo mthombo.
Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. Kuvele ukuthi ubematasa kwazise iChiefs ibibhekene neSuperSport United koweligi izolo ngoLwesithathu ebusuku eMbombela Stadium, eNelspruit.
NoDavids limuzamile leli phephandaba kodwa wangalubamba ucingo kwazise ezakhe bezilungiselela umdlalo weligi neBlack Leopards obuyizolo ngoLwesithathu ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.