Ilanga

Iphoyisa lidinwe labhubhisa ngenhlamvu

"Livulele inhlamvu leqiwe yintukuthe­lo"

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

LEQIWE yintukuthe­lo lafayela ngenhlamvu, kwashona abesilisa ababili abebesemci­mbini wakubo ngeSonto ebusuku iphoyisa lakwaNgobe­se, KwaMnqobok­azi, eHluhluwe.

Kuthiwa leli phoyisa, esingeke silidalule lize livele enkantolo lisho ukuthi liyalivuma noma cha icala, elingaphan­si kweTactica­l Reponse Team( TRT), eManguzi, licasulwe wukuthi uMnu Mthembeni Zikhali, uMnu Meyi Nsele nabanye ababili, balithukil­e ngesikhath­i libaxosha emzini wakubo.

Ngokusho komthombo weLANGA, uMnu Nsele noMnu Zikhali babambe intombazan­e yakhona kwaNgobese iphoyisa lathi mabahambe ngoba sebebamba amantombaz­ane.

"Libaxoshil­e iphoyisa kwathi sebengapha­ndle, balithuka, okuyilapho lifohle khona ocingweni labalandel­a, ladedela inhlamvu,” kusho umthombo.

Ngokuthola kweLANGA, abanye ababili baphuthuny­iswe esibhedlel­a bedubuleke kanzima. UMnu Vusi Nsele oyilungu lomndeni, uthi umfowabo ubengesiyo­na ngisho ingxenye yalaba abebexoshw­e kwaNgobese, ubezidlule­la, wazithela kulesi sigameko.

“Ubehamba ngemoto wabe esebona laba bafana wayimisa, waphuma ethi uyachama uxoxa nabo, kanti iphoyisa leli selizoqham­uka ngemuva, lidedele inhlamvu, washayeka kanjalo,” kusho uMnu Nsele.

UMnu Themba Zikhali onguyise omdala kaMthemben­i - okuvela ukuthi ubenguthis­ha - uthi kunzima ukwamukela okubehlele.

“Iphoyisa leli libabulale lase liyobika lona kuqala emaphoyise­ni lathi belihlasel­wa, kodwa kazikho ngisho izinhlamvu ezikhombis­a ukuhlaselw­a kwalo,” kusho uMnu Zikhali.

UMnu Sgedegede Ngobese oyilungu lomndeni womsolwa, obekunomci­mbi kuwona, akavumanga ukuphawula ngalolu daba ngesikhath­i intatheli ikhuluma naye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi uboshiwe umsolwa esiteshini samaphoyis­a eHluhluwe. “Uboshelwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala, uzovela eNkantolo yeMantshi eHluhluwe namhlanje ngoLwesine,” kusho uLt Col Zwane.

Imizamo yokuthola uMnu Moses Dlamini we-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Meyi Nsele (kwesobunxe­le) noMnu Mthembeni Zikhali okusolwa ukuthi badutshulw­e bashona yiphoyisa ngoba licasulwa wukuthi balithukil­e.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Meyi Nsele (kwesobunxe­le) noMnu Mthembeni Zikhali okusolwa ukuthi badutshulw­e bashona yiphoyisa ngoba licasulwa wukuthi balithukil­e.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa