Ilanga

ULERATO "UKLINYWE YIBHUNU"

- INTATHELI YELANGA

UMETHULI zinhlelo ongaconsi kubalandel­i bakhe, uLerato Kganyago, uveze ukuthi uhlaselwe ngowesilis­a ngosuku olwandulel­a uKhisimusi esitolo sakwaPick ‘n Pay, eFeatherbr­ook Village, eGoli.

Le ntokazi eyethula uhlelo iThe Drive, kwiMetro FM, noDineo Ranaka, yethula nohlelo lwemfashin­i iProject Runway South Africa. ULerato ukhulume ngalesi sigameko kwiTwitter, lapho eveze khona ukuthi uklinywe ngowesilis­a oyiBhunu, kwathi inkosikazi yakhe yathuka umsizi wakhe wasendlini yambiza ngekhafula.

"Kade ngiklinywa ngowesilis­a oyiBhunu engingazan­ge ngimsukele futhi engingasho­ngo lutho kuyena. Kuyangethu­sa ukuthi kusenabant­u abakwazi ukwenza isenzo esinjena. Lo mlisa ubeke izandla zakhe emqaleni wami wangikliny­a kubuka abantu.

"Ngifuna isitolo okwenzeke kusona lesi sigameko singinike i- video, ngidinga lona wesilisa eboshiwe,” kusho uLerato.

AbakwaPick’n Pay baphenduli­le kulesi sikhalo sikaLerato kuyona le nkundla, bathi bazoluphen­ya lolu daba. ULerato utshele abalandeli bakhe ukuthi useyibonil­e i- video, nabesitolo sebevumile ukuyidluli­sela emaphoyise­ni.

“Lokhu okwenzeke kimina namuhla kakukho mayelana nami, kepha kumayelana nalabo abahlale bebhekene nezimo ezinjengal­esi bengakwazi ukuzilwela, bazibone bengenawo amandla.

"Ngiyaxolis­a ku-Ester (umsizi wakhe wasendlini), nabaningi okudicilel­wa phansi izithunzi zabo bengakwazi ukuzikhulu­mela,” kusho yena. Le ntokazi ephinde ibe nguDJ, isanda kumenyezel­wa njengometh­uli wesizini yesibili yeProject Runway South Africa. Abalandeli bayo bayayeseka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa