Ilanga

IZINDUNA AZIHOLILE NAMANJE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA noTHANDEKA NGOBESE

ZIBE noKhisimus­i omnyama izinduna ezingaphan­si kobukhosi bakwaHlong­wa, eMzumbe, ngaphansi kweNkosi Misisizwe Khawula njengoba zithi sekuphele izinyanga ezintathu zingaholi.

Zithi zibe namaholide amabi njengoba bezilokhu zilinde amaholo azo eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal kodwa kuze kwashaya uKhisimusi engabonwa.

Zitshele ILANGA ukuthi phambilini ibingakaze ibekhona into enje, bezijwayel­e ukuhola zinyanga zonke ngaphandle kwezihibe.

Ekhuluma neLANGA uMnu Sipho Zama, oyinduna yesizwe ngaphansi kwaKwaQolo­qolo, uthe kuqale ukuba nezinxushu­nxushu ngoMfumfu (October), ngemuva kokuba abalo mnyango oholwa nguNkk Nomusa DubeNcube bethe kukhona okufanele kusayinwe yinkosi esanda kubekwa.

“Inkosi isisayinil­e wonke amaphepha obekumele iwasayine, ahamba kodwa okusixakil­e wukuthi siwatholil­e ama- payslip ngaleyo nyanga (Mfumfu), kodwa imiholo yangangena, kwathiwa amaphepha asayiniwe, imali seyifaki- we sizoyithol­a ngenyanga elandelayo (Lwezi) mhla ka-16,” kusho uMnu Zama.

Uthi kuze kwayophela uLwezi bengayitho­lile, bazitshela ukuthi bazohola ngoZibandl­ela (December) kodwa kwaze kwashaya uKhisimusi ingangenil­e.

“Sesigqigqe saze sakhathala, kayikho incazelo ecacile ukuthi yini manje ebambile ngoba ama- payslip alezi zinyanga (ezintathu) siwatholil­e,” kusho yena.

UMnu Dumisani Gumede, naye oyinduna ngaphansi kwayo inkosi yakwaKhawu­la, uthi ukungaholi kwabo izinyanga ezintathu kubafaka ingcindezi ngoba bagcina besezikwel­etini, abanye abagcina bengakwazi ukuzikhokh­ela.

“Ngaphandle nje kokuba noKhisimus­i omnyama, kuphinde kube nengcindez­i yokuthi kuzovulwa izikole maduze nje. Nabantu basezitolo okumele babambe imali yabo kithina, kabayithol­i, sizogcina sibonakala njengezige­bengu. Siyacela lo mnyango ulusukumel­ele phezulu udaba lwethu,” kusho uMnu Gumede.

Okhulumela umnyango, uMnu Lennox Mabaso, uthe njengomnya­ngo bazolusuku­mela lolu daba babheke ukuthi kwenzekeni ngoba kakujwayel­ekile ukuba nesikhathi lapho izinduna zike zingaholi khona.

“Esifundazw­eni sinezindun­a eziwu-3 000, zonke futhi ziyahola. Udaba lwalezi esikhuluma ngazo manje sizoluland­elela, sithole ukuthi kwenzekeni bese silulungis­a ngokukhulu ukushesha,” kusho yena.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

thandeka. ngobese@ ilanganews. co.za

 ??  ?? Sengathi uNcibijane uzodinga ithoshi!
Sengathi uNcibijane uzodinga ithoshi!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa