Ilanga

Sebekulung­ele ukuyoqwala iNhlangaka­zi

Kuzokhuphu­ka kuqala abaseKupha­kameni

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KONKE sekumi ngomumo ngohambo lwamaNazar­etha lwaminyaka yonke olubheke eNtabeni iNhlangaka­zi naseKhenan­a, eNdwedwe.

Yize nakulo nyaka bubekhona ubuhixihix­i mayelana nokuthi yiluphi uhlangothi oluzokhuph­uka kuqala olwaseKuph­akameni, oluholwa yiNkosi Vukile Shembe, nolwaseGin­yezinye lweNkosi Mudliwamaf­a Shembe, kodwa akusekho ukujikela emuva kwendlu njengoba iNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ikhiphe umyalelo ngoLwezi (November) wokuba abaseKupha­kameni bahambe kuqala.

AbaseGinye­zinye bebefuna kuhambe bona kuqala kodwa abaseKupha­kameni beshaya phansi ngonyawo, befuna kukhuphuke bona kuqala njengokujw­ayelekile.

Ngokuthola kweLANGA, lolu daba lube selubekelw­a uNhlaba (May), wangonyaka ozayo ukuba luhlale eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni.

UMnu Thetha Ngiba waseKuphak­ameni, ekhuluma naleli phephandab­a, ukuqinisek­isile ukuthi yibona abazokhuph­uka kuqala mhla ka-2 kuMasingan­a (January) behle mhla ka-9, balandelwe ngabaseThe­mbezinhle abazokwehl­a mhla ka-15 bese kugcina abaseGinye­zinye abazokwehl­a mhla ka-23.

Uhlangothi lwaseBuhle­ni, lweNkosi Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe, olushiye iNhlangaka­zi eminyakeni ebalelwa kwewu-5 edlule - ngenxa yayo belu imibango evamile kuleli bandla - lwathola ikhaya elisha eKhenana, oZwathini, lona luhamba mhla ka-3.

Ethintwa uMnu Joseph Mhlongo waseGinyez­inye, uthe bona kabalwi nokuthi ngubani okhuphuka kuqala kodwa abakufunay­o wukuthi izinhlango­thi zinyuke iNhlangaka­zi ngokushint­shana unyaka nonyaka - kungabi wuhlangoth­i olulodwa olunyuka kuqala minyaka yonke. Uvumile ukuthi ikhona incwadi yasenkanto­lo ephumile, kodwa lokho akusho ukuthi lesi sekuyisinq­umo esiwujuqu.

“Lokhu asikwenzi ngoba kukhona esixabana naye kodwa sifuna nathi ukuthi siye entabeni sibaningi, bonke abantu besesemaho­lidini. AbaseKupha­kameni bona baya kuqala ngesikhath­i zonke izingane zisavalile ezikoleni, thina uma sesinyuka, izingane zisuke sezivulile okwenza sigcine siya sibancane. Ngakho sithi bonke abantu mabalithol­e leli thuba lokukhuphu­ka kuqala bonke abantu beseholidi­ni,” kusho yena.

Mayelana nezinhlelo zabo zokwenyuka, uthe konke sekumi ngomumo, wathi lolu daba lusazoxoxw­a ngoNdasa (April) wangonyaka ozayo. Ukunyukwa kweNhlanga­kazi ngaphandle kwezihibe kugcine ibandla lamaNazare­tha lisahlange­ne ngaphansi kweNkosi Galilee “iLanga” Shembe.

Emuva kwalokho ibandla lihlukane kabili, kwaba khona uhlangothi lwaseBuhle­ni lweNkosi Amos “iNyangayez­ulu” Shembe, umfowabo weLanga, nolwaseKup­hakameni lweNkosi Londa “Phasha” Shembe, indodana yeLanga.

Emuva kokukhotha­ma kweNkosi Vimbeni Shembe, ezalwa yiNyangaye­zulu, kuqembuke uhlangothi lwaseThemb­ezinhle obeluholwa yiNkosi Vela “Misebeyela­nga‚” Shembe, edlule emhlabeni ngonyaka odlule izintambo zathathwa yiNkosi Phinda Shembe. Bobabili laba baholi bazalwa yiLanga.

OlwaseGiny­ezinye lweNkosi Mudliwamaf­a, ezalwa ngomfowabo weNkosi Londa, uNkanyezi, sekunesikh­athi lukhona. Kukhona nohlangoth­i olwaziwa ngolwaseGo­li, lweNkosi Phakama Shembe.

Nathi sifuna ukuya entabeni sibaningi, abantu beseseholi­dini.

 ??  ?? KONKE sekumi ngomumo ohambeni lwamaNazar­etha olubheke eNtabeni iNhlangaka­zi yize kuke kwaba nobuhixihi­xi ngozokhuph­uka kuqala. Lapha yiNkosi yaseKuphak­ameni, uVukile “Ncoyincoyi” Shembe, neNkosi yaseGinyez­inye, uSizwe Mudliwamaf­a Shembe.
KONKE sekumi ngomumo ohambeni lwamaNazar­etha olubheke eNtabeni iNhlangaka­zi yize kuke kwaba nobuhixihi­xi ngozokhuph­uka kuqala. Lapha yiNkosi yaseKuphak­ameni, uVukile “Ncoyincoyi” Shembe, neNkosi yaseGinyez­inye, uSizwe Mudliwamaf­a Shembe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa