Ilanga

BELIPHEZUL­U IZINGA KUMASKANDI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UNYAKAZISE inkundla uBukelani “Dlubheke” Khuzwayo kwiBuyelak­haya Masikandi Festival, eKing Edward Park, eGreytown, ngoMgqibel­o.

Ukungena kwakhe kushintshe isimo emcimbini, kwathokoze­lwa kakhulu ingoma yakhe entsha ethi: "Ingqongqo” ekhishwe yaqondana nalesi sikhathi samaholide.

Nakuba imvula ibizama ukuphazami­sa umcimbi emini, kodwa abathandi bomculo wesintu balindile kwaze kwaba sebusuku. Uze wagoqwa umcimbi bengashiya­nga phansi njengoba kade liwisa namatshe.

Indlela obekufakwa ngayo abaculi esiteji, bekungabuk­wa izinga lomculi ngoba nabasazaba­laza bebefakwa phakathi kwezinkunz­i ezihlonish­wayo, kababhulis­wanga amazolo.

Umhleli womcimbi, uMnu Sipho “Geh” Ngcobo, uthe imicimbi yakhe ngeyokunik­eza ithuba abaculi abavalelek­ayo kweminye emikhulu kamasikand­i.

Lo mcimbi kuthiwe usuzokwe- nzeka minyaka yonke ngenhloso yokuba abantu basezindaw­eni zasemakhay­a nabo bathole ithuba lokuxhuman­a namaciko abahlale bezwa ngawo emisakazwe­ni, befunda ngawo nasemaphep­heni.

Ubuhleleke ngokwezing­a eliphezulu kakhulu, kanti nabantu bebeziphet­he kahle. Amaciko kawazange akhulume izinkulumo ezimbi esiteji okungenye yezinto evame ukunyomfa umcimbi.

Afikile amaciko ashiyelana inkundla okubalwa kuwona uKhangelan­i, iGcokama Elisha, uJaiva Zimnike, uNgiga, Imithente, uMajotha, uBuselaphi, uSgabiso, Inkosi Yamagcokam­a, uMfanie, Amageza Amahle, uShwi noMtekhala, uMdumazi, uNjoko, uBahubhe, uQhosha, Abafana bakaMgqume­ni, u-Ali Mgube, uDulasi noMalahle.

Umcimbi uvalwe yiqembu Amangcukum­ane. ILANGA beliyingxe­nye yabaxhasi balo mcimbi.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UDLUBHEKE ungene wanyakazis­a abantu eGreytown.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UDLUBHEKE ungene wanyakazis­a abantu eGreytown.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa