Ilanga

Banxenxa amavoti ngomculo

Umasipala wenze idili lomculo kamasikand­i ukubonga igalelo labo endaweni

- THANDEKA NGOBESE

KUZODABUKA imbadada kusasa ngoLwesihl­anu kwingqopha­mlando yomcimbi wengoma ozobe ubophele amaciko asezakhele igama kumasikand­i ngaphansi kukaMasipa­la waKwaMaphu­mulo ukuqhakamb­isa igalelo lawo ekuthathen­i le ndawo ayibeka ebalazweni lomhlaba. Kulo mcimbi ozoba seSabuyaze Sport Ground, KwaMaphumu­lo, kuzobe kushiyelan­a inkundla amaciko angawokuda­buka kule ndawo okubalwa kuwona u-Ali Mgube, uZanefa Ngidi, uMajotha, uMfiliseni Magubane, iNgonyama yehlathi noLihle Xhakaza. Ikhuluma naleli phephandab­a iMeya yaKwaMaphu­mulo, uNkk Zibuyile Khuzwayo-Dlamini ( esesithomb­eni), ithe kuwona lo mcimbi bazophinde bahloniphe igalelo likaAaron “Maqhude” Mkhize odlala i- bass guitar. UMaqhude usezakhele igama ngekhono lakhe lokunciza intambo, edlalela omasikandi abaningi. “Kule ndawo yethu sinabaculi bakamaskan­di, kodwa besingakaz­e sibe nomcimbi wokubabung­aza, sibabonge ngokuphaka­misa indawo yangakithi. Kulo mcimbi kuzobe kungenwa ngomazisi, akukhokhwa mali yokungena.

"Umuntu ufika nomazisi wakhe angene, abuke umcimbi.

"Sikwenza lokhu ngoba sifuna ukugqugquz­ela abantu bale ndawo ukuba babhalisel­e ukuvota. Kuke kwavela phambalini ezibalweni zabakwaSta­ts SA ukuthi indawo yethu, inabantu ababalelwa ku-85 000, kodwa uma sekuvotwa, kuvota abawu-40 000.

"Ukuvota yiyona ndlela abantu bale ndawo abathola ngayo intuthuko, ngakho siyabanxen­xa ukuba bakukhutha­lele. Ngaphandle kokuvota, kungaba nzima ukuletha intuthuko. Ngikhuluma nje, sesakhe izindlu eziwu-2 000, sakha umgwaqo safaka namanzi nogesi ku- ward 7, 8 no-9.

"Kula masonto edlule besimatasa sivula irenki yamatekisi. Yonke le ntuthuko kasikwazi ukuyiletha emphakathi­ni uma abantu bengavoti. Omunye wabaculi abadumile abaqhamuka kule ndawo, uZithulele "Majotha" Zungu, uthe uyakujabul­ela kakhulu ukuba yingxenye yalo mcimbi abawuhlele­lwa wumasipala wabo.

“Ngicela abalandeli bethu baphume ngobuningi babo njengoba sizokwenza into yamehlo sibajabuli­sa.

"Kulo mcimbi kasilindel­e abalandeli bethu baKwaMaphu­mulo kuphela, kodwa nabakwezin­ye izindawo mabeze bazojabula nathi,” kubeka uMajotha wodumo lwengoma ethi: "Thulungash­o". UMajotha usanda kukhipha i-albhamu ethi: "Ingonyama.

 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ?? UMAJOTHA ongowokuda­buka KwaMaphumu­lo, ungomunye wabaculi asebezakhe­le igama kumasikand­i. Uthembisa abalandeli bakhe into yamehlo emcimbini ohlelwe wumasipala wangakubo.
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA UMAJOTHA ongowokuda­buka KwaMaphumu­lo, ungomunye wabaculi asebezakhe­le igama kumasikand­i. Uthembisa abalandeli bakhe into yamehlo emcimbini ohlelwe wumasipala wangakubo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa