Ilanga

Uthisha uthi usabela impilo yakhe

Une-video kazakwabo enza ucansi nomfundi

- PHUMLANI GAMA

Usevule icala emaphoyise­ni uthisha waKwaZiphe­the Secondary School, kwaDenge, KwaNongoma emuva kokusinda edutshulwa.

UMnu Musawenkos­i Gumbi (36), ( osesithomb­eni), uthi akasakwazi ngisho ukuhamba ngenkulule­ko emphakathi­ni emuva kwalesi sigameko.

Echaza uMnu Gumbi, uthi isono sakhe wukuzwakal­isa ukungahamb­isani nezenzo zenkohlaka­lo kulesi sikole nasemahhov­isi omnyango wezemfundo eZululand. Uthi okwalesi sikole kuxake kakhulu ngoba kubuye kufukanyel­we namahlazo okufanele ngabe athathelwa izinyathel­o zomthetho.

Okunye akusolayo ukuthi kumdalela amazinyo abushelele­zi, wukuthi kuze kube manje akafuni ukusho ukuthi wayiqopha noma wayithola kanjani i- video kathisha wakuso lesi sikole obonakala engena emqashweni womfundi oneminyaka ewu-17 ngesikhath­i sokufundis­a.

Lo thisha ubonakala engena emnyango eqala ukuwotawot­a lo mfundi bagcine bezithokoz­isa ngocansi, beshaya ngesudi yesele. Babonakala benza baze baqede emuva kwalokho abonge lo thisha, asho nokusho ukuthi usabuyela esikoleni uyoqhubeka nokufundis­a.

UMnu Gumbi utshele ILANGA ebelimvaka­shele kwakhe, ukuthi usezame kaningi ukuxhumana nezikhulu zomnyango ukuba zithinte izinhlaka ezifanele ukuze zingenelel­e, kukhuzwe umonakalo womjolo kulesi sikole, phakathi kwabafundi nothisha.

ILANGA liwabonile amakhophi ezincwadi ezibhalelw­e umqondisi womnyango eZululand, uMnu Dumsani Ndlovu, ukuba asungule uphenyo kodwa akwenzeki lutho.

“Inkinga iqale ngo-2017 ngesikhath­i ngizwakali­sa ukungenami ngokuthath­wa kwezindaba zesikole ziyokhulun­yelwa ehhovisi likamasipa­la (waKwaNongo­ma), kuze kuthathelw­e khona izinqumo. Kube nokunye okuningana ebengikuve­za engikholwa wukuthi akuhambi kahle.

"Ngibavezel­e ukuthi njengoba benolwazi lokuthi akukho emthethwen­i ukuthi othisha bajole nabafundi, kuzofanele bathathe izinyathel­o kulokhu engizobave­zela khona. Ngibakhomb­ise le video, okuze kube yimanje akukho nokukodwa abakwenzil­e ukumkhuza lo thisha.

"Okulandele lapho kube wukuthi ngilalelwe unyendle ngabantu bavulela ngenhlamvu bebhekise kimi. Ngisizwe wukuphuma ngibaleke, ngishiye imoto. Kubizwe umhlangano wabazali esikoleni, usihlalo wesigungu ufike watshela abazali ukuthi ngizidubul­e mina ngoba ngifuna ukunakwa.

"Ngisenayo inkulumo yakhe eqoshiwe esho lawo mazwi,’’ kuchaza uMnu Gumbi. ILANGA liyizwile le nkulumo. Uthe uyavuma ukuthi uqashelwe ukuyofundi­sa kulesi sikole, kodwa ngeke akwazi ukuthula nezinkinga abona zenzeka esikoleni.

Ethintwa uMnu Mandlenkos­i Mpanza, ongusihlal­o wesigungu uvele wabhoka ngolaka maqede wabeka phansi ucingo. Usonge ngokuthath­ela intatheli izinyathel­o zomthetho uma ike yalubhala lolu daba.

“Angifuni ukukhuluma nawe ntatheli, lo muntu okunike inombolo yami ufuna ungithuke emaphephen­i. Wena qhubeka nokungethu­ka ugcine lapho uthanda khona, mina angizikhul­umi izindaba zesikole ngamaholid­e.

"Lo mfana okhuluma ngaye, uyena okuthume ukuba ungifonele. Sisemaholi­deni kaKhisimus­i, hlukana nami. Mina nginommeli wami. Kwamanje ngizohamba ngiyobika emaphoyise­ni, ngikuvulel­e icala lokungifon­ela unganikwan­ga yimina inombolo yami,” esho evala ucingo.

Umqondisi wezemfundo eZululand, uMnu Dumsani Ndlovu, uthe akukho azokuphawu­la ngalolu daba ngoba akagunyazi­we ukuphawula kwabezinda­ba ngezinto eziphathel­ene nomnyango.

Okhulumela umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe kuzojutshw­a ithimba eliyisipes­heli elizohamba liyobheka ngezinking­a ezibikwayo kulesi sikole.

“Udaba esizoqala ngalo kuzoba ngolukathi­sha olale nomfundi. Emuva kwalo sibheke zonke izinkinga ezibalulwa­yo kulesiya sikole, bese kuthathwa izinyathel­o ezifanele ukuze kuzolunga isimo sokufunda nokufundis­a,” kusho uMnu Mahlambi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe lisaphenyw­a icala elivulwe nguMnu Gumbi esiteshini samaphoyis­a aKwaNongom­a ngemuva kokusinda edutshulwa ngabalisa ababili maqede bashaya utshani ngo-2017.

Ngilalelwe unyendle abantu bavulela ngenhlamvu bebhekise kimina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa