Ilanga

BASOLA ILUNGU NGOKUBAQOL­A IMALI YABO YESITOKOFE­LA

- PHUMLANI GAMA

BASOLA unobhala wesitokofe­la sabo ngokubasha­ya ngemfe iphindiwe abesifazan­e baseBhamba­nana, eJozini, ababe noKhisimus­i omuncu, kuthathwa u-R49 108 abese bewuqongel­ele unyaka wonke.

UNkk Happiness Nonhlanhla Nkonyane (59), ongunobhal­a walesi sitokofela, uthi uhlwithwe isikhwama ebesinale mali ngentathak­usa yangoLwesi­ne olwedlule obekufanel­e ihlukanisw­e ngalo. Ngokuthola kweLANGA, le mali ibingafakw­a ebhange, kwazise uNkk Nkonyane ubehlala ethembisa ozakwabo ukuthi uzoyigada yena.

UNkk Nkonyane utshele leli phephandab­a ukuthi angakwazi ukumbona umuntu omephuce isikhwama semali. “Bengihamba ngedwa ngisendlel­eni eya emzini ebesizohla­nganela kuwona kwehlukani­swe imali abantu bezohamba beyothenge­la izingane izimpahla zikaKhisim­usi.

"Kuvuke umuntu wesilisa wangibuza ukuthi ngifunani lapha ngoba ngiyamphaz­amisa njengoba abantu besalele emakhaya. Kuthe ngingakaph­enduli, wangibamba wangephuca isikhwama semali, wabaleka.

"Lokho kube wukuhamba kwemali yamakhosik­azi. Kangikwaza­nga ukuya emaphoyise­ni ngoba ngivele ngavukwa yisifo i- asthma. Ngiyazi ukuthi kukhona abasola ukuthi ngiyidlile le mali,” kusho uNkk Nkonyane onguthisha eNkuliswen­i Primary School. ILANGA lithintwe ngabanye besifazane abathe uzakwabo usenga ezimithiyo ngokubanjw­a inkunzi.

Baveze ukuthi iningi labo kalisebenz­i, bayaye bathathe ingxenye emalini yeqolo abayiholel­a izingane bayofaka esitokofel­eni ukwenzela izingane zijabule ngoKhisimu­si.

UNkk Thulisile Gumede ongumfelok­azi, uthe: “Abantwana bami bangidubil­e ngoba bengihlala ngokubethe­mbisa ukuthi bazodla kamnandi ngoKhisimu­si futhi bazogqoka izimpahla ezintsha uma kuvulwa izikole. Ngihlala ngokubagad­a ngoba lona osekhulile angaze athathe isinqumo esibucayi.

"Ngize ngasizwa wukuthi kufike umfowethu wazongidud­uzela zona lezi zingane. Namanje kasiyikhol­wa eyokuthi umemu Nkonyane ubanjwe inkunzi. Khona ubeyaphi ngabo-3 entathakus­a?” UNkz Jabu Mlambo (33) uveze ukuthi namanje akayikholw­a le ndaba.

“Ngihlala nezingane zakwethu, kasisenaba­zali. Ngikhuluma nje, ngisizwe wukuthi ikhona enye inhlangano yegilosa ebengijoyi­ne kuyona. Ngabe kube yisililo sodwa. Umama uNkonyane wehlulekil­e ukwakha leli tulo lakhe ngoba thina silandele ukuloba kwesicathu­lo esiphume naye ekhaya silandelan­a nesakhe. Leso sicathulo sijikile saphelela emzini wakhe futhi sesiyazi nokuthi ngubani umnikazi waso.

"Kuyisifiso sethu ukuba umama asheshe asinike imali yethu kungakavul­wa izikole ukuze sizokwazi ukuthengel­a izingane izimpahla zesikole ngoba usevele usifake kuKhisimus­i omnyama,” kusho uNkz Mlambo. Lolu daba lubikwe enduneni yendawo, uMnu Ephraim Ndlazi.

“Ngilutholi­le lolu daba kodwa ngibanxuse ukuba balubike emaphoyise­ni ukuze kube yiwona aqala ukuphenya,” kusho uMnu Ndlazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuyiphutha ukuthi namanje kalikavulw­a icala ngoba yisigameko esibucayi lesi.

“Abantu sihlala sibakhuza njalo sithi mabayeke ukuhlala nemali emakhaya. Eyalesi sigameko kayizwakal­i kahle ngoba umama ubanjwe inkunzi ngezithuba obekufanel­e ngabe usesezingu­tsheni ngaso. Kufanele ayovula icala emaphoyise­ni nengxenye yamalungu esitokofel­a sabo,” kusho uLt Colonel Zwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa