Bahlomule ngezicathulo kwiNhungu
Umsunguli walo mdlalo ufuna bazethembe uma beya esikoleni
UPHUNGULE umthwalo kubazali babafanyana abebebambe iqhaza emdlalweni osungulwe nguMhleli weziNdaba kwiLANGA, uSazi KaSipho Majola, ethengela izingqwele neqembu elihlulwe kowamanqamu izicathulo zesikole.
UMajola, osungule umdlalo obizwa ngeNhungu, okusho u-8 ngeXitsonga - leli phephandaba elike labika ngawo ngonyaka odlule nangoMfumfu (October) nonyaka - ubehlele eminye imidlalo ngomhla ka-20 no-22 kwephezulu, eLower Luganda, eMariannhill.
Kule midlalo izingqwele zangoMfumfu (October) okuyiHerculeans, zisivikele isicoco sazo zihlula iTaurians ngo-4-3.
Lo mdlalo unamapali awu-8, enkundleni enamakhona awu-8 kanti iqembu ngalinye linikwa amathuba awu-8 ukuba lihlohle amagoli kula mapali ukuze lenze iphuzu elibizwa nge-Orbit.
Umdlali ozama ukwenza i-Orbit, kuye kube khona owelinye iqembu omjahayo okuthi uma emficile, lowo mdlali yena athole okubizwa nge-Eclipse - okungafaniswa newicket kwikhilikithi.
UMajola uthi yize naye engenawo amandla atheni ephaketheni, kodwa ubone kungcono ukuthi ajabulise laba bafanyana futhi nabanye babone ukuthi ukusebenza ngokuzimisela kunomvuzo omuhle.
“Ngikhule kuthiwa kuwumsebenzi wesigodi sonke ukukhulisa ingane. Ngiyazi ukuthi ukubanika izindondo nezindebe kuyabajabulisa kodwa ngibone ukuthi ukubanika izicathulo kuzobenza bajabule kakhulu. Lokhu kuzobenza baye esikoleni benokuzethemba,” kusho uMajola othi lezi zicathulo zilandelwe yiziyalo zokuthi bazimisele esikoleni, bahloniphe nothisha njengoba sekuvamile ukuzwakala kwezindaba zokuthi othisha bayabhubha wukushaywa ngabafundi besemsebenzini.
“Kangigcini nje ngokubadlalisa, uma ngithola ithuba khona enkundleni lapho, ngibacebisa nangezindlela zokuziphatha. Ngiye ngi- batshele ukuthi kuzomele baqale manje ukusebenzela ukulungisa igama lamadoda eselingcoliswe yizigilamkhuba ezihlukumeza abesifazane nezingane, bayeke futhi nokuhlala emathilomu bengazi ukuthi bahlaleleni ngoba bangaze balingeke bangene ezidakamizweni,” kusho yena.
Uthi kuvamile ukuba umphakathi uqhamuke uma abafana sebekhulile, sebeganga, ubabize ngawo wonke amagama kodwa bebe bengalisebenzisanga ithuba lokubacathulisa ngendlela efanele ukuze babe ngamadoda aqotho kusasa.
“Isibalo sabafana abadlala lo mdlalo sincane kakhulu kodwa lokho kakungikhathazi ngoba vele kayikho into evele iqale isinkulu. Lokho futhi kungisiza ekutheni ngikwazi ukubalawula. Bakhona abazali asebecelile ukuthi uma ngabe iphinda iba khona imidlalo, izingane zabo bazifuna phakathi.
“Ngifisa ukuba imiphakathi ibambisane ekukhuliseni izingane. Kuyiqiniso elibuhlungu ukuthi iningi lethu thina bantu abamnyama kalibanga nenhlanhla yokuma kahle ngakwezomnotho, kubalulekile-ke ukuthi labo abanawo amandla - noma ngabe mancane - balekelele lapho bengalekelela khona ukuze sakhe imiphakathi ethokozile.
“Laba abangenawo amandla ezomnotho, kakushiwo ukuthi kumele bakhangeze, kodwa zikhona izindlela abangaphosa ngazo itshe esivivaneni ukuze kuhlomule umphakathi nabo bahlomule ngandlela thize,” kusho yena.
Uthe uhlela ukubonisana noMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal ukubheka ukuthi lo mdlalo ungangeniswa kanjani ezikoleni kwazise abafundi bangathi bedlala babe befunda i-Astronomy ngasikhathi sinye - okuyisifundo esidlelanayo neGeography, iPhysics, iChemistry ngisho neHistory imbala.