GALAKAJANA
NGANGITHI sebanyamalala laba bantu okuthiwa ngofakazi bakaJehova ngoba sekwedlule iminyaka ngingababoni. Ngalesi sikhathi sikaKhisimusi, kuqhibuka yonke inhlobo yekholwa kuhle kwamakhowa nezinkowankowane kanti nabo-ke ofakazi baphume ngobuningi sikhuluma nje.
Kukhona abathe badukela ngakwami ngoLwesibili, ngabathola sebememeza esangweni. Njengoba bengizihlalele ngedwa futhi ngingenzi lutho, ngikhethe ukubavumela bangene ukuze ngichithe isithukuthezi nabo.
Ngibahlalise ezihlalweni zokwethamela isigcaki ngaphandle, lapho phela nami ebengingqengqe khona ngizishayelwa wumoya, kwazise ilanga beliphume ngisho nasebukhweni bezinja. Ngithe uma ngibabuza ukuthi bakhala ngani amakati ekhala ngobisi, bathi bangilethele ivangeli elingcwele.
Ngabatshela kahle ngomoya wesonto ukuthi cha angikhumbuli ngifaka isicelo sevangeli futhi uma bengingumuntu wevangeli bengingeke ngikhethe leli elingcwele, bengizozikhethela elinye nje elingathandwa yilolu quqaba elizibona lingongcwelengcwele.
Amakholwa kawakwazi ukubona ihlaya noma liwashaya ngenkuzi yempama, uma kukhulu- nywa ngenkolo. Bazamile ukuchaza ukuthi ivangeli kalifakelwa sicelo, kodwa liyalethwa nje ungazange ulicele. Kusho ukuthi lifana nala mapheshana esiwanikwa emigwaqweni emarobhothini, sekusho mina.
Phela la maphepha uyanikwa nje ungalicelile, usuyozibonela-ke ukuthi kukhangiswani. Phela emhlabeni kayikho into yamahhala. Ngisho ukuya esontweni lokhu kukodwa, kubiza imali. Umnikelo phela akusiwo amatshe, kanti amaningi amasonto manje asengena nsuku zonke, ngakho kumele uhlale uphethe imali yokunikela.
Nabo laba bazalwane, bazamile ukungithengisela amaphephabhuku abo, ngabatshela ukuthi sebeqa umugqa manje kuhle kwentwala yeqa ingozi ekhanda. Ngithe uma bengathenga ibhodlela likagologo kimi, nami ngizowathenga ama- phephabhuku abo. Ngaleyo ndlela mina nabo siyobe sithenge izinto esingazidingi, nesingazisebenzisi.
Ngeke ngibe ngumampara ngingedwa ngoba nakhu ngithi ngizama umoya wesonto. Benqabile ukuthenga ugologo kimi, base behamba kanjalo, ngasala mina ngilivula leli bhodlela ebengithi ngibathengisela lona, ngazitika.
Ngithe ngingakadakwa nokudakwa lokhu, kwafika abanye abathe bazalwe kabusha, bethi bangamabhonageni.
Ngimane ngazibuza ukuthi ngabe ngiyalingwa ngisehlane yini. Laba-ke kangizange ngibavulele ngisho isango ngoba baqale kabi ngokugxeka ukuphuza kwami ugologo. Phela babone ingilazi esandleni, ubungafunga ukuthi bangamaphoyisa nezinhloli zasezulwini ngendlela abebezenza osiyazi ngayo.
Igazi lami kalizwani nabantu abathanda ukwahlulela abanye sengathi bona bakhiwe ngomoya wezingelosi. Ngibakhombe indlela, ngathi mabahambe bayozalwa futhi kabusha, mhlawumbe bazobuya ingqondo isihluzekile, sebekwazi ukuhlonipha abanye abantu.
Phela nalo iBhayibheli leli abakhuluma ngalo, liyasho ukuthi noJesu imbala wayengahluleli muntu, wamukela ngisho nomqwayizi imbala. Ngithe ngithi cha sengiphumule, sesidla isidlo sasebu- suku, ngezwa ngomsindo uvela kula masonto ogidasijabule okuthiwa phecelezi, charismatic churches.
Phela lapho ngihlala khona sekuqubuke amabili alawo masonto futhi kunendawo yokuzijabulisa lapho kudansa khona abantu besifazane abanqunu ( strip club).
Ngakho kasilali ebusuku, kukhala umculo wesonto futhi kuklabalasa nabefundisi ngapha, kanti ngaphaya kuduma umculo wehouse. Le misindo iqhudelana kuze kuse ekuseni.
Umuntu uze athole ukuphumula uma sekuqala unyaka, lapho umsindo uba khona ngempelasonto kuphela. Ngicabanga ukuthi omasipala kumele bangawavumeli amasonto nama- night club ezindaweni ezakhe abantu. Sesifile wumsindo.