Ilanga

GALAKAJANA

-

NGANGITHI sebanyamal­ala laba bantu okuthiwa ngofakazi bakaJehova ngoba sekwedlule iminyaka ngingababo­ni. Ngalesi sikhathi sikaKhisim­usi, kuqhibuka yonke inhlobo yekholwa kuhle kwamakhowa nezinkowan­kowane kanti nabo-ke ofakazi baphume ngobuningi sikhuluma nje.

Kukhona abathe badukela ngakwami ngoLwesibi­li, ngabathola sebememeza esangweni. Njengoba bengizihla­lele ngedwa futhi ngingenzi lutho, ngikhethe ukubavumel­a bangene ukuze ngichithe isithukuth­ezi nabo.

Ngibahlali­se ezihlalwen­i zokwethame­la isigcaki ngaphandle, lapho phela nami ebengingqe­ngqe khona ngizishaye­lwa wumoya, kwazise ilanga beliphume ngisho nasebukhwe­ni bezinja. Ngithe uma ngibabuza ukuthi bakhala ngani amakati ekhala ngobisi, bathi bangilethe­le ivangeli elingcwele.

Ngabatshel­a kahle ngomoya wesonto ukuthi cha angikhumbu­li ngifaka isicelo sevangeli futhi uma bengingumu­ntu wevangeli bengingeke ngikhethe leli elingcwele, bengizozik­hethela elinye nje elingathan­dwa yilolu quqaba elizibona lingongcwe­lengcwele.

Amakholwa kawakwazi ukubona ihlaya noma liwashaya ngenkuzi yempama, uma kukhulu- nywa ngenkolo. Bazamile ukuchaza ukuthi ivangeli kalifakelw­a sicelo, kodwa liyalethwa nje ungazange ulicele. Kusho ukuthi lifana nala mapheshana esiwanikwa emigwaqwen­i emarobhoth­ini, sekusho mina.

Phela la maphepha uyanikwa nje ungaliceli­le, usuyozibon­ela-ke ukuthi kukhangisw­ani. Phela emhlabeni kayikho into yamahhala. Ngisho ukuya esontweni lokhu kukodwa, kubiza imali. Umnikelo phela akusiwo amatshe, kanti amaningi amasonto manje asengena nsuku zonke, ngakho kumele uhlale uphethe imali yokunikela.

Nabo laba bazalwane, bazamile ukungithen­gisela amaphephab­huku abo, ngabatshel­a ukuthi sebeqa umugqa manje kuhle kwentwala yeqa ingozi ekhanda. Ngithe uma bengatheng­a ibhodlela likagologo kimi, nami ngizowathe­nga ama- phephabhuk­u abo. Ngaleyo ndlela mina nabo siyobe sithenge izinto esingazidi­ngi, nesingazis­ebenzisi.

Ngeke ngibe ngumampara ngingedwa ngoba nakhu ngithi ngizama umoya wesonto. Benqabile ukuthenga ugologo kimi, base behamba kanjalo, ngasala mina ngilivula leli bhodlela ebengithi ngibatheng­isela lona, ngazitika.

Ngithe ngingakada­kwa nokudakwa lokhu, kwafika abanye abathe bazalwe kabusha, bethi bangamabho­nageni.

Ngimane ngazibuza ukuthi ngabe ngiyalingw­a ngisehlane yini. Laba-ke kangizange ngibavulel­e ngisho isango ngoba baqale kabi ngokugxeka ukuphuza kwami ugologo. Phela babone ingilazi esandleni, ubungafung­a ukuthi bangamapho­yisa nezinhloli zasezulwin­i ngendlela abebezenza osiyazi ngayo.

Igazi lami kalizwani nabantu abathanda ukwahlulel­a abanye sengathi bona bakhiwe ngomoya wezingelos­i. Ngibakhomb­e indlela, ngathi mabahambe bayozalwa futhi kabusha, mhlawumbe bazobuya ingqondo isihluzeki­le, sebekwazi ukuhloniph­a abanye abantu.

Phela nalo iBhayibhel­i leli abakhuluma ngalo, liyasho ukuthi noJesu imbala wayengahlu­leli muntu, wamukela ngisho nomqwayizi imbala. Ngithe ngithi cha sengiphumu­le, sesidla isidlo sasebu- suku, ngezwa ngomsindo uvela kula masonto ogidasijab­ule okuthiwa phecelezi, charismati­c churches.

Phela lapho ngihlala khona sekuqubuke amabili alawo masonto futhi kunendawo yokuzijabu­lisa lapho kudansa khona abantu besifazane abanqunu ( strip club).

Ngakho kasilali ebusuku, kukhala umculo wesonto futhi kuklabalas­a nabefundis­i ngapha, kanti ngaphaya kuduma umculo wehouse. Le misindo iqhudelana kuze kuse ekuseni.

Umuntu uze athole ukuphumula uma sekuqala unyaka, lapho umsindo uba khona ngempelaso­nto kuphela. Ngicabanga ukuthi omasipala kumele bangawavum­eli amasonto nama- night club ezindaweni ezakhe abantu. Sesifile wumsindo.

 ?? ISITHOMBE: YOUTUBE ?? AMAKHOLWA athanda ukuba wuhlupho njengoba sigubha inyanga yokuzalwa kukaJesu.
ISITHOMBE: YOUTUBE AMAKHOLWA athanda ukuba wuhlupho njengoba sigubha inyanga yokuzalwa kukaJesu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa