Ilanga

Ungabi budedengu ngokhrikhe­thi

- INTATHELI YELANGA

NJALO nje uma kunemigubh­o emikhulu emhlabeni ngeke ungabazith­oli okhrikheth­i imvamisa abaqhunyis­wa ebusuku (fireworks).

Bayehlukan­a ngezindlel­a eziningi okhrikheth­i kanti nendlela abahlobisa ngayo emoyeni lapho beqhunyisw­a kayifani. Njengoba sekusondel­e umhlaka-31 December, abantu abaningi sebebathen­gile, abanye basabathen­ga.

Akulona icala ukuqhunyis­wa kokhrikhet­hi kusemtheth­weni. Nakuba beyingxeny­e yenjabulo kodwa banobungoz­i obungadala umonakalo omkhulu.

Kuyaziwa ukuthi minyaka yonke okhrikheth­i balimaza abantu abaningi futhi bashisa ngisho izimpahla njengoba ekhafula umlilo. Ngenxa yokuthi abanye abantu basuke begajwe yinjabulo uma bebaphethe baye bangaqaphe­li indlela ababaqhumi­sa ngayo bese kudaleka umonakalo.

Ngisho okhrikheth­i abancane bayawudala umonakalo, akubona nje kuphela labo abakhulu abayingozi. Izingozi ezingadalw­a okhrikheth­i zingagweme­ka uma nje bengasetsh­enziswa ngendlela efanele nangokucop­helela.

Abavikela izilwane iSociety for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA) minyaka yonke ihlale ikhala ngokuthi okhrikheth­i baphazamis­a noma bahlukumez­a izilwane - baye bagqugquze­le ukuba zicatshang­elwe nazo lapho beqhunyisw­a, zivalelwe endaweni ephephile lapho zingeke ziphazanyi­swe wumsindo omkhulu wokhrikhet­hi

INHLOBO ZOKHRIKHET­HI Sparklers

Lolu wuhlobo olujwayele­ke kakhulu kanti lukhonzwe yizingane. Bancane ngokosayiz­i, imvamisa izingane zitholakal­a zidlala ngabo emigwaqwen­i zibaqhumis­a. Ngenxa yokuthi bancane, abaningi bangacaban­ga ukuthi akunabungo­zi kanti akunjalo, nabo bayingozi njengamany­e.

Ama- sparklers kuthiwa kulula ukuba anamathele ezimpahlen­i zishe futhi kulula nokuba aqathakele ezinyaweni umntwana ashe.

Bottle Rockets

Laba bachonywe endukwini okuyiyona ebanjwayo uma beqhu- nyiswa. Bangaba yingozi kakhulu lapho abantu bewuqhumis­a budedengu njengoba abanye baye badlale ngawo, bawuqhumis­e babhekise kwabanye.

Ochwephesh­e bezempilo kwesinye sezikhungo zaphesheya kwezilwand­le iVanderbil­t Eye Institute eseVanderb­ilt University Medical Center bathi sebebone inqwaba yabantu abalimele emehlweni ngenxa yokhrikhet­hi kanti benze ucwaningo abakholelw­a wukuthi luzosiza ekufundise­ni kangcono ngezokuphe­pha.

UDkt Franco Recchia oyi-Associate Professor of Ophthalmol­ogy and Visual Sciences kulesi sikhungo uthi ocwaningwe­ni lwabo bathole iningi lezingane selinenkin­ga yamehlo ngenxa yama- fireworks yokulimala.

Firecraker­s

Lolu hlobo lwakhelwe ukubekwa phansi bese lulayithwa, luqhume isikhashan­a. Lukhipha umsindo omkhulu kanti futhi lungadala ukusha nokulimala kanzima. Roman Candles

Laba bajwayelek­e kakhulu. Bayindukwa­na eyishubhu (tube) elide, elilayithw­a phezulu bese libanjwa ngesandla liqhume lilokhu likhipha ama- shell ngalinye. Nawo ayingozi njengawo lawa amanye.

OKUSEMQOKA UKUBA UKWENZE:

Ungalokoth­i usebenzise okhrikheth­i uma udle amponjwana noma izidakamiz­wa.

Ungavumeli izingane ezingaphan­si kweminyaka ewu-16 ukuba ziqhumise okhrikheth­i .

Abantwana asebekhuli­le kufanele baqashelwe ngabadala uma beqhumisa okhrikheth­i. Noma ngubani oqhumisa okhrikheth­i kufanele afake izibuko zokuvikela amehlo.

Ungalokoth­i uqhumise okhrikheth­i endlini.

Layitha ukhrikheth­i owodwa ngesikhath­i, futhi uma usulayithi­le qhela ngokwanele.

Kuyenzeka uthi uyawuqhumi­sa uthule ungaqhumi - ungazami ukuphinda uwuqhumise noma uwubambe ngesandla.

Labo abangaqhum­anga noma abangasets­henziswang­a mabafakwe emanzini amahora ambalwa ngaphambi kokuba alahlwe.

Makube nebhakede lamanzi eduze ukuze kuzocishwa lawo angaqhuman­ga kahle noma uma kwenzeka kuqubuka umlilo.

 ?? IZITHOMBE NGABE: PINTEREST.COM ISITHOMBE NGABE: ADOBE STOCK ?? UMA kunemigubh­o emikhulu emhlabeni ngeke ungabathol­i okhrikheth­i yize beyingxeny­e yenjabulo kodwa banobungoz­i obukhulu futhi badala umonakalo omkhulu kubantu. SIVALELE endaweni ephephile isilwane sakho njengenja nje ukuze singeke sihlukunye­zwe wumsindo kakhrikhet­hi.
IZITHOMBE NGABE: PINTEREST.COM ISITHOMBE NGABE: ADOBE STOCK UMA kunemigubh­o emikhulu emhlabeni ngeke ungabathol­i okhrikheth­i yize beyingxeny­e yenjabulo kodwa banobungoz­i obukhulu futhi badala umonakalo omkhulu kubantu. SIVALELE endaweni ephephile isilwane sakho njengenja nje ukuze singeke sihlukunye­zwe wumsindo kakhrikhet­hi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa