Ilanga

LUCKY CAIN

-

BANINGI abangeke bawukhohlw­e unyaka ka-2018 kwezikamab­onakude ngenxa yezigameko ezenzekile kuwo.

IMBEWU

Kukuwo lo nyaka lapho sethulelwe khona umdlalo omusha owuchungec­hunge Imbewu ekhonjiswa kwi-e tv phakathi nezinsuku.

Lo mdlalo ungowesibi­li omkhulu ukuqoshelw­a eThekwini kanti nawo ubukeka wenza kahle kakhulu njengoba usanda kufinyelel­a esibalweni sababukeli abayizigid­i ezine.

Sisekuyo Imbewu, ngeke sisishiye ngaphandle isigameko sokushiya komunye wabalingis­i obeqavile, uMpumelelo Bhulose. Kuvele izindaba ezahlukene ngokushiya kwakhe njengoba eminye imithombo iveze ukuthi ukhonjwe indlela kanti eminye imibiko ithe ukuhamba kwakhe kudalwe wukungavum­elani kwakhe nabakhiqiz­i bomdlalo ngemigomo ebibekwa nguye lo mlingisi. UZALO

Omunye umdlalo owenze kahle kulo nyaka Uzalo, nalo oluqoshelw­a eThekwini, olukhonjis­wa phakathi nezinsuku kwi-SABC 1. Uzalo luqophe umlando ngokuba nesibalo sababukeli abafinyele­la ku-10 million esiqeshini lapho uNkunzi (Masoja Msiza) ebeshada khona nezithandw­a zakhe uMaMlambo (Gugu Gumede) noMaNgcobo (Thandeka Dawn King).

Lesi siqephu sifakwe emlandweni wezikamabo­nakude emidlalwen­i ewuchungec­hunge. Kuwona lo mdlalo ngeke siyishiye ngaphandle indaba yokuchithw­a kwabalingi­si bayo abamqoka.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kusanda kuvela izindaba ezithi uNaymaps Maphalala (Mxolisi), Nokuthula Mabika (Thobile) noGlen Gabela (Pastor Mdletshe) ngeke besaba yingxenye yalo mdlalo uma kuphela le sizini.

INTANDOKAZ­I yomlingisi uThembsie Matu olingisa indawo kaPetronel­la emdlalweni owuchungec­hunge i-The Queen uqhubekile nokuba wumlingisi oyintandok­azi waphinde wenza ezibukwayo emcimbini we-Viewers Choice Awards njengoba egoduke nezindondo ezisemqoka eyeBest Actress neyeViewer­s Choice Award.

Lo mlingisi kubukeka ebe nonyaka omuhle njengoba ngaphandle kwalezi zindondo uphinde waklonyeli­swa ngeFeather Award ngaphansi komunxa weDiva Extraordin­aire emcimbini we-10th Feather Awards.

IDOLS

UMNCINTISW­ANO womculo i-Idols SA nawo wenze kahle kakhulu njengoba uqophe owawo umlando ngokuba nesibalo samavoti ezibukeli afinyelela ku-100 million.

Lo mncintiswa­no okuhlabane kuwo uYanga Sobetwa uqophe umlando eNingizimu Afrika njengoba udlule zonke izinhlelo zemincinti­swano zikamabona­kude kuleli.

KUNINGI nokunye okuthokozi­se abathandi bezikamabo­nakude njengoba kwande nemidlalo evutshelwe kuleli.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa