Ilanga

Amaphoyisa omgwaqo mawenze umsebenzi

-

KUYADABUKI­SA ukuthi kulesi sikhathi sonyaka sokujabula, lapho iningi labantu livakashel­a izihlobo nemindeni yalo ezindaweni ezahlukene zezwe, kubuye futhi kube yisikhathi sosizi, lapho abanye bethu belahlekel­wa khona ngabathand­iweyo babo ezingozini ezingenasi­dingo zomgwaqo.

Uma sibheka isikhathi kusukela lulunye kuZibandle­la (December) kuze kufike mhla ziwu-18 kwephezulu, isibalo sabadlule ezingozini zomgwaqo senyuke ngo-16% uma usiqhathan­isa nesesikhat­hi esifanayo sangonyaka odlule, okuyisibal­o esethusayo impela. Nakulokhu imbangela enkulu yezingozi iyefana neyangeyem­inyaka eyedlule; ukugijima kwabashaye­li bezimoto ngokweqile, ukushayela budedengu nokungayil­andeli imithetho ebekiwe yomgwaqo.

Njengenhla­layenza, uphuzo oludakanay­o, ukukhathal­a kwabashaye­li nezimoto ezingekho esimeni esihle nakho kube nomthelela omubi ekwandeni kwezingozi. Uhlobo lwezimoto oluthintek­ayo kakhulu kulezi zingozi ezibikiwe ngamatekis­i namaloli, kanti ngokwezifu­ndazwe, iKwaZulu-Natal ibisahamba phambili ngesibalo sokufa kwabantu abawu-162, ilandelwa yiGauteng ngabawu-125.

Okubi ngendlela esenza ngayo izinto kuleli, wukuthi konke sikwenza ngehaba, nangendlel­a eyethusayo; uma nje ubheka isibalo sobugebeng­u nokubulawa kwabantu, sibalwa namanye amazwe anodlame olwesabeka­yo.

Kanjalo nxa sibheka izingozi zomgwaqo, ikakhuluka­zi ngezikhath­i zamaholide, kudlula inqwaba yabantu emhlabeni singekho isidingo salokhu.

Kufanele kwenziwe njani nxa kunje? Ngokwemibi­ko yemithombo yezindaba, kuthiwa uhulumeni uhlongoza ukuqinisa umthetho nezijeziso kulabo abephula imithetho yomgwaqo. Phakathi kokunye, kuhlongozw­a ukuthi bonke abantu abangabash­ayeli baphoqelek­e ukufaka isicelo sezincwadi zokushayel­a njalo emuva kweminyaka eyisihlanu, ukuqinisek­isa ukuthi bonke abashayeli bayayikhum­bula imithetho yomgwaqo.

Yebo, kufanele umthetho uqine, kodwa inkinga ngaleli lakithi wukuthi ngisho naleyo mithetho ekhona kayilandel­wa, kanti nalabo okufanele baqiniseki­se ukuthi iyalandelw­a, okungamaph­oyisa, kabenzi lutho olutheni ukuqinisek­isa lokhu. Enye inkinga engavela uma lo mthetho wokushaywa kwamalayis­ense okushayela njalo emuva kweminyaka eyisihlanu ungaphasis­wa, wukuthi kungenzeka ube nomthelela wokwandisa ukugwazisa emaphoyise­ni omgwaqo, okuyinto esivele iyinkinga enkulu ezweni.

Ingwadla esibhekene nayo wukuthi kukwamacha­nca, impunz’ edl’ emini; abantu bazenzela umathanda, ngaphandle kokwesaba ukuthi bazojeza ngezenzo zabo.

Mhlawumbe elinye icebo elingenziw­a, ukwehlisa isibalo sezingozi ezenzeka ngenxa yezimoto ezihamba ngesivinin­i esiphezulu wukuba zonke izimoto ezakhiwa kuleli, zakhiwe ngendlela yokuthi zingakwazi ukweqa isivinini esiwu-120km ngehora.

Okunye wukuthi kufanele amaphoyisa omgwaqo enze umsebenzi wawo ngokwethem­beka nangokuzim­isela, abophe abephula imithetho yomgwaqo nabaphathi bawo balwe nokwanda kokugwazis­a okwenziwa ngamanye amaphoyisa omgwaqo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa