Izigemegeme zika-2018
ZININGI izigemegeme ezenzeke enyakeni ka-2018 osongwayo ngesonto elizayo, eziningi zazo zibikwe kulona ILANGA. Kusukela uqala nje lo nyaka, nazi ezinye zazo:-
UKUSHAYWA KWESIKHULU SE-ANC
LUHLABE umxhwele abaningi udaba olubikwe yiLANGA mayelana noMnu Bongani Khuluse, obengumholi we-ANCYL, ocishe wafela emanyelani esendaweni yobumnandi eThekwini.
Kubikwe ukuthi ushaywe wacishe wagwazwa ngommese wokudla isiteki kuFlorida Road kubangwa intombi. Umbiko ubuveza ukuthi kusuke esikhulu isiphithiphithi kule ndawo ngesikhathi uMnu Khuluse nowesilisa othile bephihlizana ngamabhodlela kubuka izihlwele ebezikule ndawo, kubangwa owesifazane.
Ezikhulumela naleli phephandaba uMnu Khuluse uvezile ukuthi lona wesilisa umhlasele wamlimaza entanyeni, okudingeke ukuba aze atishwe ngoba nje isono sakhe kube wukuthengela lona wesifazane abevele emazi isiphuzo.
DUMA KA NDLOVU VS UZALO
ABATHANDI bemidlalo kamabonakude bazokhumbula umbango nokungaboni ngaso linye okuqubuke phakathi kwabasunguli bomdlalo owuchungechunge, Uzalo, noMnu Duma KaNdlovu, osezakhele igama kulo mkhakha wezikaqedisizungu.
Ingxabano kuthiwa isuswe wukungasebenzisani kahle kukaMnu Ndlovu nabasunguli boZalo abesebenza kulona njengomunye wabaqondisi.
Abasunguli boZalo basole uMnu Ndlovu ngokuthatha izihlabani zalo mdlalo wayozifazaka emdlalweni wakhe abewuvubela ngaleso sikhathi, Imbewu: The Seed. Phakathi kwabalingisi abesolwa ngokuthi ubantshontshile kubalwe uMpumelelo Bhulose noLeleti Khumalo.
OBEHAMBA NQUNU
LUBE sematheni kakhulu udaba lowesifazane waseLovu, obonakale ebhushuzela enqunu emgwaqweni ebambe ingane ngengalo, okusolwe ukuthi ubehlanyiswa yisidakamizwa ebesidla lubi ngasekuqaleni konyaka, i- alpha Pyrolidinopentiophenone ebidume ngeleFlakka, i- zombie drug noma yi- bath salt.
IZIGEMEGEME ZOKUFA
MINYAKA yonke zibonakala zilokhu zikhula izigigaba zokubulawa kwabantu.
Isigameko esenzeke oThongathi, lapho owesilisa esolwe ngokuqoba abulale udadewabo nomshana wakhe, wabagqiba egcekeni ngemuva kokubathutha ngebhala emini kwa-bha, sihlasimulise umzimba.
UNkz Zoe Buthelezi nendodana yakhe, uMthunzi, kuvele ukuthi bahlahlelwe ngumfowabo kaNkz Buthelezi ngoba bebanga imali yemiqasho uNkz Buthelezi abeyakhe egcekeni kubo. Lesi sigameko sishiye umphakathi wakule ndawo ushayana ngamakhanda njengoba kuthathe isikhathi ukuthi umsolwa aboshwe futhi umangaliswa nawukuthi bakhona ababembona ehla enyuka nebhala kanti uthutha izicubu zezihlobo zakhe.
Lube sematheni udaba lowesifazane obulale isoka lakhe elingudokotela ngaphansi kombutho wezokuvikela iNingizimu Afrika, uDkt Obakeng Lekitlane.
UNkz Sindi Ngomane (20), ubesolwa ngokuthi ugajwe yisikhwele ngesikhathi evakashele isoka lakhe ebelisebenza emtholampilo oseMlazi, walibhokoda ngommese enhliziyweni lashona.
Sisekude ukukhohlakala isenzo sowesifazane wakwaFutshane, KwaSanti, okubikwe ukuthi uphahlaze etsheni ingane yakhe ethi yinyoka efuna ukumluma.
Lona wesifazane oneminyaka ewu-28, obekunezinsolo zokuthi akaphilile kahle ekhanda, ubeseyigqiba indodana yakhe ebinenyanga eyodwa izelwe. Ugcine esolwa ngamalungu omphakathi ukuthi uhlaselwe ngamadimoni njengoba kuthiwa ngesikhathi ephahlaza ingane, ubekhala ehayiza ethi inyoka ifuna ukumlimaza.
Udaba lowesilisa wasePort Edward, obulale abashana bakhe abane wabacwiya izindlebe - ezama ukudukisa umkhondo - ngoba efuna imali yomshwalense, lushaqe abaningi. Kubulawa izingane nje, unina kuthiwa ubeyo- cima ukoma.
* Olunye udaba namanje olusenkantolo, ngolukaMnu Thabani Mzolo, osolwa ngokudubula abulale intombi yakhe uNkz Zolile Khumalo ngoba engafuni ukwaliwa. Lolu daba lube sematheni ngoba noma eseboshiwe uMnu Mzolo akakhombisanga ukuzisola. Bobabili uNkz Khumalo noMzu Mzolo bebefunda eMangosuthu University of Technology.
U-WINNIE MANDELA
UMHLA ka-1 kuMbasa (April), obekuyiPhasika, ungene emlandweni eNingizimu Afrika njengoba kushone ngalo uNkk Winnie Madikizela-Mandela, owake waba yinkosikazi kaMnu Nelson Mandela.
UNkk Madikizela-Mandela ushonele eMilpark Hospital eGoli ngemuva kokugula.
Ukudlula kwakhe emhlabeni kunyakazise isizwe sonke, ikakhulukazi abesifazane, abavuselelekile uma kukhunjulwa indlela ahlukumezeke ngayo ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo.
OLWEZIMOTO ZAKWAMHLABUYALINGANA EZIWELISWA UMNGCELE
LUSEKUDE ukukhohlakala udaba olwenzeke KwaMhlabuyalingana lapho izakhamizi zidinwe yizinga lobugebengu obebuphezulu zaze zavala umngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambique, njengoba bezikhala ngokuthi izigilamkhuba ziyazenzela nje zeqisa izimoto ezebiwe kuwo ubusuku nemini amaphoyisa angenzi lutho.
Kuthathe isikhathi ukuthi uhulumeni ukwazi ukuluxazulula lolu daba njengoba amanye amalungu omphakathi egcine esezithathela umthetho. Kuzokhumbuleka ukuthi kugcine sekunemibiko ebiveza ukuthi kukhona izigilamkhuba ezigcine zibulawa ngamalungu omphakathi.
UKUSHIYA KUKAMNU JACOB ZUMA KWESOKUBA NGUMENGAMELI
UKUSHIYA kukaMnu Jacob Zuma esikhundleni sokuba ngumengameli, abesesiqhoqhobele ngaphansi kwenkulu ingcindezi, kushiye abaningi bebuyelwa yithemba ukuthi kungenzeka izinto zishintshe kuhulumeni.
Ushiya nje, ubelokhu egoloze njalo ebuza ukuthi uzoze asule nje yingoba enzeni.
Kuthe noma sekulindeleke ukuba asule, wabiza isigcawu sabezindaba wabuza wona lo mbuzo, kodwa uphondo lugcine lugobile mhla ka-15 kuNhlolanja (February).
I-LISTERIOSIS
ELAKULELI lihlaselwe yisifo esingajwayelekile esibizwa ngelisteriosis ( Listeria monocytogenes infection), lapho ohlaselwe yilesi sifo ebesuke ethole igciwane laso elingena kuma- cells.
Kuke kwaphela isikhathi eside izakhamizi zakuleli ziqwashiswa ukuba zingawudli upholoni, amaviena kanye nenyama yenkukhu ikakhulukazi yakwaRainbow.
Lesi sifo besingena labo ababe neshwa badla ukudla okunaleli gciwane ebelihlala kakhulu nasekudleni okungaphekiwe kahle.
Abaningi abebenalesi sifo bebehlaselwa yikhanda, yi- fever, imisipha ebuhlungu, wukukhishwa yisisu nokunye okwahlukene. Ngeshwa-ke abanye bebeze balahlekelwe nayimpilo yabo ngenxa yalo leli gciwane.