Ilanga

IMaritzbur­g yeshela umqeqeshi ongayifuni

Kuvela ukuthi yeshela noTinkler noKomphela

- SENZO SOKHELA

USIHLALO weMaritzbu­rg United uFarook “Ntshebe” Kadodia ( osesithomb­eni) uhlalele ethembeni lokuthi kuphele le mpelasonto eqalayo ezakhe zibe seziqede konke nomqeqeshi omusha.

IMaritzbur­g ivalele amaholide kaKhisimus­i ingasenamq­eqeshi emva kokuba ikhombe indlela uFadlu Davids.

Ibikhala ngokugqoza kwemiphume­la osekuholel­e ekutheni le kilabhu ibambe ibhuleki emsileni we-log.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uKadodia ushela u-Adel Amrouche waseBelgiu­m, okumanje ulolonga i-USM Alger yaseAlgeri­a.

Lo mqeqeshi uncengwa nje uke waphumela obala wathi akasoze ayilolonga iMaritzbur­g ngenxa yokuthi uKadodia uke wakhombisa ukungamhlo­niphi efake isicelo somsebenzi wamthembis­a kodwa waqasha u-Ernst Middendorp ngaphandle kokuthi abuyele kuyena amazise ukuthi angeke esamuqasha.

Kuthiwa uKadodia uzehlisile waxoxa nalo mqeqeshi.

Nokho kuvela ukuthi abanye babaqeqesh­i axoxa nabo nguSteve Komphela ongumqeqes­hi weBloemfon­tein Celtic no-Eric Tinkler osanda kuxoshwa yiChi- ppa United.

Leli phephandab­a lishayela uKadodia izolo ngoLwesith­athu ekuseni ukuzwa ngalolu daba uthe: “Into engizama ukuyifuqa okwamanje wukuthi ngimemezel­e umqeqeshi ngale mpelasonto ngoba ikilabhu kufanele iqale amalungise­lelo omzuliswan­o ozayo.

"Angikwazan­ga ukuxoxa namuntu ngoKhisimu­si ngenxa yokuthi abantu bayawubung­aza.

"Kodwa-ke kusukela namhlanje (Izolo ngoLwesith­athu) ngizoba- mba izingxoxo nabaqeqesh­i abathile ngibone ukuthi kuyenzeka yini ukuthi ngimmemeze­le ngale mpelasonto,” kusho uKadodia.

Limbuza ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi uxoxa no-Amrouche, uKomphela noTinkler uthe: “Yebo kunjalo kodwa okunguyena oseqhulwin­i ngu-Amrouche esisamunce­nga.

"Kodwa-ke yibhola leli kusengenze­ka mhlawumbe sithole omunye ngaphandle kwalaba angeke ngazi,” kusho uKadodia.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: SPORTS.COM ?? UMDLALI we-Arsenal uHenrikh Mkhitaryan olimele.
ISITHOMBE NGABE: SPORTS.COM UMDLALI we-Arsenal uHenrikh Mkhitaryan olimele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa