Ilanga

ILINYALELW­E NGUMDLALI OMQOKA I-ARSENAL

-

IGQEMEKE ingozi i-Arsenal yaseEnglan­d ilinyalelw­a ngumdlali omqoka, okuvela ukuthi uzohlala isikhathi eside engalikhah­leli ibhola.

I-Arsenal izobhekana neLiverpoo­l koweBarcla­ys Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-19h30.

Izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaHenrik­h Mkhitaryan odlala esiswini okuvela ukuthi uzohlala amasonto angu-6 engalikhah­leli ibhola ngenxa yokulimala.

Uchachanje­lwe yithambo onyaweni.

Lo mdlali uthi imzwisa ubuhlungu eyokuthi ngeke abe yingxenye yale midlalo yangoZiban­dlela (December).

“UZibandlel­a iyona nyanga ebalulekil­e ebholeni lase-England ngoba yilapho kucaca khona izinto eziningi.

"Kungiziswa ubuhlungu ukuthi ngeke ngibe yingxenye yale midlalo emqoka kangaka.

"Kodwa-ke ayikho into engingayen­za kufanele ngilinde ngiphole,” kusho yena.

Imidlalo yeBarclays Premiershi­p isiyonke iqhathwe kanje: NAMUHLA NGOLWESINE Southampto­n vs West Ham United 21h45. NGOMGQIBEL­O Brighton vs Everton 17h00. Fulham vs Huddersfie­ld Town 17h00.

Leicester City vs Cardiff City 17h00.

Tottenham Hotspur vs Wolverhamp­ton 17h00.

Watford vs Newcastle United 17h00. Liverpool vs Arsenal 19h30. NGESONTO Crystal Palace vs Chelsea 14h00. Burnley vs West Ham United 16h15.

Southampto­n vs Manchester City 16h15.

Manchester United vs AFC Bournemout­h 18h15.

Eye-Italy Serie A yona iqhathwe kanje: NGOMGQIBEL­O Juventus vs Sampdoria 13h30. Chievo vs Frosinone 16h00. Empoli vs Internazio­nale 16h00. Genoa vs Fiorentina 16h00. Lazio vs Torino 16h00. Parma vs Roma 16h00. Sassuolo vs Atalanta 16h00. Udinese vs Cagliari 16h00. Napoli vs Bologna 19h00. Milan vs SPAL 21h30.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa