Ilanga

Ufuna ukubuyisa isithunzi kwiDusi

UMbanjwa uthi usewulinde ngabomvu lo mjaho

- MZWAMANDLA ZONDI

UZIMISELE ngokubuyis­a isithunzi sakhe kwiDusi Canoe Marathona yangonyaka ozayo ezokuba mhla ka-14 kuya ku-16 isukela eMgungundl­ovu isongwe eThekwini uThulani Mbanjwa ogcine ukunqoba lo mjaho ngo-2008 egwedla noMartin Dreyer.

Umjaho wangonyaka ozayo kuzokube kuyi-K1 (ugwedla ngawedwa).

UMbanjwa utshele abezindaba ukuthi useqalile ukuzilungi­selela umjaho wangonyaka ozayo.

Uthi imvula yakamuva imjabulise kakhulu njengoba umfula uMsunduzi noMngeni ugcwele uchichima.

“Le mvula esanda kuna isisize kakhulu singabagwe­dli. Njengoba sezisondel­e izinsuku zalo mdlalo umuntu akanaso isikhathi siyaziqeqe­sha. Isikhathi sami ngisichith­a emanzini.

“Umjaho wangonyaka ozayo sengiwulin­dele ngabomvu. Njengoba iminyaka ihamba nesikhathi sokuphinde nginqobe lo mjaho siyangiphe­lela.

"Kufanele noma kanjani ngenze kahle ngonyaka ozayo ngoba uma ngehluleki­le kuzokuba nzima ukuba ngiphinde ngibuye.

"Abadlali abeza emuva kwami balikhuphu­le kakhulu izinga futhi basebancan­e, bayagijima,” kubeka uMbanjwa.

UMbanjwa oneminyaka yobudala engu-35 ungene unombolo 4 no-5 ngokwehluk­ana eminyakeni edlule.

Lo mjaho oba izinsuku ezintathu ngosuku lokuqala usongwa eNo. 9 bridge bese ngoLwesibi­li kumiwe eNanda Dam, ngolokugci­na uphelela eBlue Lagoon, eThekwini.

Abanye abagwedli abamnyama ababhekiwe nguSibonel­o Khwela owenza kahle kakhulu kulo mjaho yize naye engakaze awunqobe egwedla yedwa, uBanetse Nkhoesa ukubala nje abambalwa.

UKhwela ugcine ukunqoba lo mjaho ngo-2014 egwedla no-Andy Birkett kanti akekho umuntu omnyama oseke wawunqoba uma egwedla ngayedwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa