Ilanga

Ubelethe amawele wawalahla ehlathini

Amalungu omphakathi ebefuna ukumudla amfele

- SKHOSIPHI MTHEMBU LANGA,

USABABAZA umphakathi wase-Avambo, eGeorgedal­e, eHammarsda­le ngehlazo nesibindi sowesifaza­ne (32) “obelethe” amawele maqede wawalahla ehlathini eliseduze kwakubo ngoNcibija­ne. Ngokuthola kwe

elilodwa iphahla, lize latholwa ngomunye womakhelwa­ne olizwe likhala kuleli hlathi ngesikhath­i egeza. Silobe elinye lingakaziw­a ukuthi likuphi kanti kunezinsol­o zokuthi hleze lidonswe yizinja noma kukhona lapho eligqibe khona njengoba amaphoyisa abesaqhube­ka nophenyo.

Kusuke esinamatha­mbo ngoLwesihl­anu ngesikhath­i umphakathi wakule ndawo uhhahhamez­a lona wesifazane eyokhomba lapho elahle khona izingane zakhe, eqhutshwa ngabakwasi­dlodlo. Umphakathi obuthukuth­ele ugane unwabu - ubulokhu umemeza lona wesifazane uthi makasho lapho elahle khona enye ingane yakhe, amanye amalungu omphakathi esho nokusho ukuthi kawasamdin­gi endaweni.

Kubikwa ukuthi nangoLwesi­ne amaphoyisa afikile kule ndawo kanti athwale kanzima njengoba umphakathi ubufuna ukuzibambe­la mathupha kulona wesifazane, okwenze aqinisa ezokupheph­a ngesikhath­i esephindel­a. Ngesikhath­i umsolwa eyokhomba lapho elahle khona izingane, amaphoyisa athole ithuna lenye ingane okuthiwa wayibeleth­e eminyakeni mibili edlule yagqitshwa - ngaphandle kokwazisa amaphoyisa ukuthi ishonile.

UNkk Thobeka Ntuli othole elinye lamawele, utshele ILANGA ukuthi namanje akakholwa yinto ayibonile, ethola ingane isihanjwa yizintuthw­ane kodwa iphila. Uthi bekungoLwe­sibili ebusuku egeza ngaphandle njengoba ilanga belibalele emini.

“Ngokujwaye­lekile ngiyaye ngigaxe ipayipi esihlahlen­i besengivul­ela amanzi uma ngifuna ukubhava kahle. NangoLwesi­bili ngenze njalo, okuthe ngisephaka­thi nokugeza, ngezwa ingane encane ikhala ehlathini elingezans­i komuzi. Ngibize ubaba walapha ekhaya, saphuma sifuna ukulalelis­isisa kahle lo mhlola. Sibize nabanye sehla sayobheka ngezansi komuzi.

“Ngivele ngaphelelw­a ngamadla ngesikhath­i ngifica ingane encane ingagqokil­e, isihanjwa nayizintut­hwane ebusweni. Engifike ngakuqaphe­la wukuthi ibisanda kubelethwa ngoba ibisagcwel­e igazi emzimbeni. Siyithathi­le sashayela amaphoyisa,” kusho yena.

Omunye umakhelwan­e, ongathanda­nga negama lakhe, uthi le ntombazane bayayazi endaweni, yiyona kuphela ebikhulelw­e. Uthi kabasayidi­ngi ngoba yenze isihluku futhi yagcolisa negama lomphakath­i.

“Le ngane kayihlazan­ga nje umndeni wayo kuphela, kepha ihlaze negama lalapha emphakathi­ni, kasiboni ukuthi singakwazi ukuhlalisa­na nayo,” kusho leli lungu lomphakath­i.

Unina ka-msolwa esingeke simdalule okwamanje, uveze ukuthi ubengazi nokuthi izithwele indodakazi yakhe. Uthe naphambili­ni ngesikhath­i ithola ingane yayo eyashona, wabizwa isizibelet­hisile, ingane isishonile.

“Uma ekhulelwe, akabonakal­i neze, nakulokhu kangizange ngibone nokuthi uzithwele, ngize ngezwa nje sekushiwo ngoba eseboshwa,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelokulahl­a umntwana kanti khona owesifazan­e oneminyaka ewu-32 oboshiwe ngala macala. Uphenyo lusaqhubek­a.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? AMALUNGU omphakathi ebabaza isihluku sowesifaza­ne waseGeorge­dale, eHammarsda­le, obelethe amawele maqede wawalahla ehlathini eliseduzan­e nakubo ngoNcibija­ne. (KWESINCANE) Yilona wesifazane eqhutshwa ukuyokhomb­a lapho elahle khona izingane.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA AMALUNGU omphakathi ebabaza isihluku sowesifaza­ne waseGeorge­dale, eHammarsda­le, obelethe amawele maqede wawalahla ehlathini eliseduzan­e nakubo ngoNcibija­ne. (KWESINCANE) Yilona wesifazane eqhutshwa ukuyokhomb­a lapho elahle khona izingane.
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMPHAKATHI ubuhhahham­eza lona wesifazane usho nokusho ukuthi kawusamfun­i endaweni.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMPHAKATHI ubuhhahham­eza lona wesifazane usho nokusho ukuthi kawusamfun­i endaweni.
 ??  ?? LAPHA kungesikha­thi lona wesifazane eqhutshwa ngamaphoyi­sa eyokhomba lapho elahle khona amawele.
LAPHA kungesikha­thi lona wesifazane eqhutshwa ngamaphoyi­sa eyokhomba lapho elahle khona amawele.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa