Ubelethe amawele wawalahla ehlathini
Amalungu omphakathi ebefuna ukumudla amfele
USABABAZA umphakathi wase-Avambo, eGeorgedale, eHammarsdale ngehlazo nesibindi sowesifazane (32) “obelethe” amawele maqede wawalahla ehlathini eliseduze kwakubo ngoNcibijane. Ngokuthola kwe
elilodwa iphahla, lize latholwa ngomunye womakhelwane olizwe likhala kuleli hlathi ngesikhathi egeza. Silobe elinye lingakaziwa ukuthi likuphi kanti kunezinsolo zokuthi hleze lidonswe yizinja noma kukhona lapho eligqibe khona njengoba amaphoyisa abesaqhubeka nophenyo.
Kusuke esinamathambo ngoLwesihlanu ngesikhathi umphakathi wakule ndawo uhhahhameza lona wesifazane eyokhomba lapho elahle khona izingane zakhe, eqhutshwa ngabakwasidlodlo. Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu - ubulokhu umemeza lona wesifazane uthi makasho lapho elahle khona enye ingane yakhe, amanye amalungu omphakathi esho nokusho ukuthi kawasamdingi endaweni.
Kubikwa ukuthi nangoLwesine amaphoyisa afikile kule ndawo kanti athwale kanzima njengoba umphakathi ubufuna ukuzibambela mathupha kulona wesifazane, okwenze aqinisa ezokuphepha ngesikhathi esephindela. Ngesikhathi umsolwa eyokhomba lapho elahle khona izingane, amaphoyisa athole ithuna lenye ingane okuthiwa wayibelethe eminyakeni mibili edlule yagqitshwa - ngaphandle kokwazisa amaphoyisa ukuthi ishonile.
UNkk Thobeka Ntuli othole elinye lamawele, utshele ILANGA ukuthi namanje akakholwa yinto ayibonile, ethola ingane isihanjwa yizintuthwane kodwa iphila. Uthi bekungoLwesibili ebusuku egeza ngaphandle njengoba ilanga belibalele emini.
“Ngokujwayelekile ngiyaye ngigaxe ipayipi esihlahleni besengivulela amanzi uma ngifuna ukubhava kahle. NangoLwesibili ngenze njalo, okuthe ngisephakathi nokugeza, ngezwa ingane encane ikhala ehlathini elingezansi komuzi. Ngibize ubaba walapha ekhaya, saphuma sifuna ukulalelisisisa kahle lo mhlola. Sibize nabanye sehla sayobheka ngezansi komuzi.
“Ngivele ngaphelelwa ngamadla ngesikhathi ngifica ingane encane ingagqokile, isihanjwa nayizintuthwane ebusweni. Engifike ngakuqaphela wukuthi ibisanda kubelethwa ngoba ibisagcwele igazi emzimbeni. Siyithathile sashayela amaphoyisa,” kusho yena.
Omunye umakhelwane, ongathandanga negama lakhe, uthi le ntombazane bayayazi endaweni, yiyona kuphela ebikhulelwe. Uthi kabasayidingi ngoba yenze isihluku futhi yagcolisa negama lomphakathi.
“Le ngane kayihlazanga nje umndeni wayo kuphela, kepha ihlaze negama lalapha emphakathini, kasiboni ukuthi singakwazi ukuhlalisana nayo,” kusho leli lungu lomphakathi.
Unina ka-msolwa esingeke simdalule okwamanje, uveze ukuthi ubengazi nokuthi izithwele indodakazi yakhe. Uthe naphambilini ngesikhathi ithola ingane yayo eyashona, wabizwa isizibelethisile, ingane isishonile.
“Uma ekhulelwe, akabonakali neze, nakulokhu kangizange ngibone nokuthi uzithwele, ngize ngezwa nje sekushiwo ngoba eseboshwa,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelokulahla umntwana kanti khona owesifazane oneminyaka ewu-32 oboshiwe ngala macala. Uphenyo lusaqhubeka.