Ilanga

Abe-Satma bagixabeze umlingisi ngomfundaz­e

Uzimisele ukungena emkhakheni wezamabhiz­inisi

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UFUNA ukwenza izifundo zezemali ukuze akwazi ukungena emkhakheni wezamabhiz­inisi, uBotlhale Boikanyo (17), ( osesithomb­eni) ozakhele igama ngo-2012 ngesikhath­i ehlabana ohlelweni lukamabona­kude, i-SA’s Got Talent eneminyaka ewu-12 ubudala.

Uhlabane ngo-R500 000 ngesikhath­i enqoba kwiSA’s Got Talent, kanti leyo mali iyoze ihlale esandleni sakhe uma esehlangan­ise iminyaka ewu-18.

UBotlhale waseMahike­ng, eNorth West, ungumlingi­si emdlalweni iScandal!, ungumhayi zinkondlo, umbhali, umdansi kanti uthi wukungena emkhakheni wezobuciko okumgqugqu­zele ukuba afunde azimisele ukuze akwazi ukuqhubeka aye emabangeni aphakeme. Ubefunda eSt Stithians Girl’s College, eGoli. Ekhuluma neLANGA, uthe uyaziqheny­a kakhulu ngemiphume­la yakhe njengoba ethole iBachelor’s Degree no-A ababili kwiDrama nakwiseSot­ho. “Ngisebenze kanzima ukuze ngikwazi ukuphumele­la kanti inhloso yami wukungena kwezamabhi­zinisi ngelinye ilanga, yingakho ngingafuna­nga ukuqale ngenze izifundo ezizohambi­sana nomkhakha wamaciko. "Ngizimisel­e ngokweza i-B. Comm Accounting, kodwa lokho kakusho ukuthi ngeke ngizenze izifundo ezihambisa­na nalo mkhakha engikuwona, wukuthi nje ngeke ngiqale ngazo,” kusho yena. Le ntokazi eqale ukuhaya izinkondlo ineminyaka ewu-6 ubudala, igqugquzel­wa ngunina, uNkk Mumsy Boikanyo, ithi inesifiso sokukhula kakhulu kwezobucik­o. “Ngifuna ukukhula njengomdan­si nomlingisi kanti ngiyathand­a nokukhula emkhakheni wezikamabo­nakude kodwa ngisebenze ngemuva kwama-khamera,” kusho yena. Eminyakeni ewu-5 ezayo, uthi ufisa ukuzibona ekhula njengosoma­bhizinisi kodwa afisa ukukwenza kakhulu, wukubuyise­la emphakathi­ni. “Ngifisa kube neqhaza engilibamb­ayo ngibuyisel­e emphakathi­ni wami ngezindlel­a ezahlukene,” kusho yena.

Unina uthi bayaziqhen­ya kakhulu ngendodaka­zi yabo njengoba unyaka odlule kube ngobunzima kakhulu kuyona. “Kuningi abekwenza njengoba elingisa kwiScandal aphinde futhi abe yimbongi.

"Inhlanhla enkulu abenayo wukuthi abakhiqizi beScandal! bakwehlisi­le ukuqopha kwakhe bashintsha ne- story line sakhe. Lokhu bekusho ukuthi uqopha uma kuvalwe izikole noma ngezimpela­sonto kuphela. Ubeqhubeka-ke kodwa nokusebenz­a ehaya izinkondlo ezindaweni ezahlukene,” kusho uNkk Boikanyo.

Uthi njengabaza­li, bebefisa ukuba enze izifundo ze- drama kodwa wenqaba wathi ufuna ukwenza i-B. Comm futhi ufuna ukungena emabhizini­sini. “Noma yikuphi afuna ukukwenza, sizomeseka kukhona,” kusho uNkk Boikanyo.

Njengoba uBotlhale egile izimanga kwiSA's Got Talent ngo2012, ngo-2014 ukhiphe i-albhamu ethi "Spoken Word & Music" ehlanganis­e umculo nezinkondl­o zakhe.

Ngawo lowo nyaka, uhaye inkondlo ngesikhath­i kubekwa uMnu Jacob Zuma njengomeng­ameli waseNining­izimu Afrika ihlandla lesibili. KwiScandal! uqale ukudlala indawo ka-Omphile ngo-2015.

Unyelwe yinyoni esandleni njengoba abeSouth African Traditiona­l Achievemen­t Awards (Satma), beveze ukuthi bazomnika umfundaze ukuqhubeka nezifundo zakhe.

“Lokhu kuyangitho­bisa kakhulu ngoba imfundo iyabiza. Ngizimisel­e ngokuqhube­ka ngisebenze ngokuzikha­ndla nakuwona lo nyaka,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa