Ilanga

BAGXEKA UMNYANGO "NGABEHLA ISITAFU"

- INTATHELI YELANGA

UZWAKALISE ukukhathaz­eka ngemiphume­la kamatikule­tsheni yango-2018, umhlaziyi wezemfundo, uMnu Nic Spaull, ikakhuluka­zi ngesibalo sabafundi abagcine bebhalile uma kuqhathani­swa nababhalis­ele ukufunda uGrade 1 ngo-2007 - okungabafu­ndi okufanele ngabe bebeqeda isikole ngonyaka odlule.

“UNgqongqos­he wezeMfundo (eyiSisekel­o), uNkk Angie Motshekga, kusamele asichazele kabanzi ngezingane eziwu-400 000 ezishiye isikole (okungekho lutho oluwubufak­azi bokuthi zenzani empilweni njengamanj­e) ngoba kuyacaca ukuthi kazisebenz­i futhi kazikho emakolishi amakhono,” kusho uMnu Spaull kuTwitter.

Usebenzise i- graph echaza ukuthi zingaphezu kuka-1 002 500 izingane ezibhalise­le ukufunda uGrade 1 ngo-2007 kodwa ziwu-512 700 (51%) ezibhale umatikulet­sheni nyakenye. Ziwu-400 761 (40%) eziwuphasi­le, kanti ziwu-172 000 (17%) ezithole ama- bachelor - okwenza zibe nethuba lokwamukel­wa emanyuvesi.

Empendulwe­ni yakhe, uMnu Elijah Mhlanga, okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o, naye ufake i- graph kwiTwitter echaza ukuthi umnyango uyabalande­la abafundi abashiya isikole ngezindlel­a zawo.

Uthe ungqongqos­he akakaze alushalaze­le nangelilod­wa ilanga udaba lwabafundi "abehla isitafu" esikoleni, ngakho-ke lokhu kusho ukuthi uMnu Spaull akuyena yedwa ophakamisa ukudlanga kwale nkinga”.

UMnu Spaull uqhube wathi ngokweziba­lo, kubafundi abawu100 besifazane abenza umatikulet­sheni, bawu-82 abesilisa. Isizathu esikhulu salokhu, wukuthi amantombaz­ane enza kangcono kunabafana ezifundwen­i eziningi, okubenza (abafana) basheshe basiyeke isikole.

Ubhale nokuthi ezifundazw­eni eziningi kuye kugqugquze­lwe abafundi abanezinki­nga zokufunda ukuba babhalisel­e ukuthi umatikulet­sheni wabo bazowubhal­a ngokwehluk­ana ( modularisa­tion), ngesikhath­i kubhalwa ngokuphela konyaka, bazobhala izifundo ezithile, bese kuthi ngonyaka ozayo bachibiyel­e ngezithile, okwenza ukuba bona bangabikho­na kulesi sibalo esijatshul­elwayo uma sekuphume imiphumela.

USolwazi Jonathan Jansen, wase-University of Stellenbos­ch, ubhale ukuthi ukuhlale ebona ungqongqos­he wezemfundo ememezela imiphumela kamatikule­tsheni kufana nokuya emcimbini wosomlingo uma useyingane.

“Wena nosomlingo lowo, nisuke nazi ukuthi lokhu enikubonay­o akulona iqiniso, kodwa uthule ngoba kusuke kugcwele abantu abakholelw­ayo emilingwen­i,” kusho uSolwazi Jansen.

NgoLwesine, iDA ne-EFF bathe kakukho okutheni okungajats­hulelwa ngemiphume­la kamatikule­tsheni wanyakenye uma kukhona inqwaba yezingane ebhalisele uGrade 1 ngo-2007, kodwa engafikang­a kuGrade 12.

“Kungenzeka ukuthi izingane zibhajwe kwamanye amakilasi ngoba ziyafeyila noma-ke zidukuze emswanini walolu hlelo lwemfu-ndo ye-ANC oluphuphil­e,” kusho uNomusa Marchesi, okhulumela iDA kwezemfund­o.

Uzwakalise ukukhala ngomthelel­a wokubhalwa kukamatiku­letsheni ube yizigaba ezimbili ( modularisa­tion) emiphumele­ni yango2018, wathi empeleni abafundi abaphasile bawu-37.6% hhayi lo 78.2% oshiwo wumnyango.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BIZWEWS.COM ?? USOLWAZI Jonathan Jansen ukufanisa nokuya esekisini ukubona ungqongqos­he wezemfundo ememezela imiphumela ka-matric.
ISITHOMBE NGABE: BIZWEWS.COM USOLWAZI Jonathan Jansen ukufanisa nokuya esekisini ukubona ungqongqos­he wezemfundo ememezela imiphumela ka-matric.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa