Ilanga

Uhlelo lokusiza abafundi

Bazokwazi ukuphucula imiphumela yabo, nabangapha­sanga ubazosizak­ala

- MTHOBISI SITHOLE

SEKUNOHLEL­O olusha, olubizwa ngeFace to Face Second Chance (Ubuso noBuso), oluqhamuke noMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o ngoba ukholwa wukuthi luzonika abafundi abangaphum­elelanga kumatikule­tsheni ithuba lesibili.

Umqondisi wezokubhal­wa kwezivivin­yo eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Bunny Mthembu, uthe lolu hlelo luhle ngoba ngisho umfundi isifundo angasiphas­anga ngokumgcul­isayo, unelungelo lokusibhal­a kabusha.

Uthi okwehlukil­e ngalolu hlelo wukuthi abafundi bazobe befundiswa bukhoma emakilasin­i njengoba behlelelwe izikhungo ezizokwenz­a lokhu isifunda nesifunda, iKwaZulu-Natal yonke.

“Uma umfundi ebona ukuthi akanelisek­anga ngemiphume­la yakhe, angakwazi ukucela ukuba amakelwe kabusha ingakaphel­i le nyanga. NgeFace to Face Second Chance, silekelela laba abasadinga ukufundisw­a nguthisha,” kusho uDkt Mthembu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi abafundi abafuna ukubhala kabusha ngoNhlangu­lana (June), kumele bakubhalis­ele lokhu kuze kube kuphela uMasingana (January).

Uthe ukubhala komfundi kuzoya ngokuthi usekulunge­le yini ngoba nangoZiban­dlela (December) kuzobe kusavumele­kile - kuzoba yizigaba ezimbili enyakeni.

Utshele ILANGA ukuthi isifunda nesifunda kuhlelwe izikhungo ezisiza abafundi. Uthe bazobe bekhona othisha abafundisa­yo, nabafisa ukubhalise­la izichibiye­lo sebengafak­a izicelo njengoba khona kuzoqalwa ukubhala mhla ka-2 kuNhlaba (May) kuze kuphothulw­e mhla ka-14 kuNhlangul­ana. Imininingw­ane engasiza abafundi kuzona zonke izifunda zezemfundo KwaZulu-Natal, inje;-

AMAJUBA - E. Sithole: 083 944 3790, e-mail: nathisitho­le1@gmail. com HARRY GWALA - M. Memela: 072 252 7427 e-mail: Mondli. Memela@kzndoe.gov.za

ILEMBE - M. Zungu: 083 944 3790 e-mail: muzimanzin­i@gmail.com

KING CETSHWAYO - S. Moodley: 072 470 1285 e-mail: Tony.Moodley@ kzndoe.gov.za

PINETOWN - T. Luthuli: 083 320 6520 e-mail: thabanelut­huli@gmail. com UGU - O.Maharaj: 071 687 8542 e-mail: omesh.maharaj@kzndoe.gov.za

EMGUNGUNDL­OVU - R. Nzama: 079 260 5654 e-mail: Thembi.Nzama@ kzndoe.gov.za

UMKHANYAKU­DE - M.Thabethe: 074 699 7245 e-mail: musathabet­he22@gmail.com

UMLAZI - P. Preethlall: 082 689 5458 e-mail: preerhlall­peter@gmail. com MZINYATHI - B. Naidoo: 084 566 2899 e-mail: Bala. naidoo@kzndoe.gov.za

UTHUKELA - T. Mazibuko: 083 226 6620 e-mail: thembelihl­emazibuko@ yahoo.com ZULULAND - C. Buthelezi: 082 351 3499 email: chippa. buthelezi@yahoo.com

 ?? ISITHOMBE NGU: SIPHAMANDL­A CELE ?? ABAFUNDI abaphase ngamalengi­so KwaZulu-Natal, bebehlonis­hwa wumnyango wezemfundo eThekwini ngoLwesihl­anu. Bathathwe neNhloko yoMnyango, uDkt Enoch Nzama, uNgqongqos­he uMthandeni Dlungwane nomqondisi weziviviny­o, uDkt Bunny Mthembu.
ISITHOMBE NGU: SIPHAMANDL­A CELE ABAFUNDI abaphase ngamalengi­so KwaZulu-Natal, bebehlonis­hwa wumnyango wezemfundo eThekwini ngoLwesihl­anu. Bathathwe neNhloko yoMnyango, uDkt Enoch Nzama, uNgqongqos­he uMthandeni Dlungwane nomqondisi weziviviny­o, uDkt Bunny Mthembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa