Ilanga

I-KZN IZISHAYA ISIFUBA KWI- NE-

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UYIFANISE nekhaya leSayensi neMathemat­ics iKwaZulu-Natal ungqongqos­he wezemfundo kulesi sifundazwe, uMnu Mthandeni Dlungwane, ngenxa yokuthi ihambe phambili uma iqhathanis­wa nezinye izifundazw­e kulezi zifundo zombili ezesatshwa­yo.

Lokhu ukusho ngoLwesihl­anu ememezela imiphumela kamatikule­tsheni yango-2018, eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini. Uthe izinga lokuphaswa kweSayensi lisuke ku-65.1% wanyakenye laya ku-73.6% kanti ngo-2016 beliwu-56.7%.

Akakushiya­nga ukuthi iKwaZuluNa­tal iphase yafinyelel­a ku-76.2%, isuka ku-72% wangonyaka odlule. Utshele izinkumbi ebezibuthe­ne e-ICC ukuthi kulo nyaka uzibekele u-85% okumele utholwe yiKwaZuluN­atal ukuze ibalwe nezifundaz­we ezihamba phambili.

Ubonge kakhulu othisha ngokuseben­za kwabo kanzima nokubambis­ana okuhle phakathi kwabo nezinyunya­na. “Sisazoqhub­eka nokuqhamuk­a nezinhlelo ezintsha zokusebenz­a kanzima ukuphucula imiphumela ukuze sikhuphule isifundazw­e siqhwakele phezulu.

"Wonke umsebenzi omuhle owenziwe ngothisha, siyabonga kakhulu,” kusho uMnu Dlungwane. Izinga lokuphasa KwaZulu-Natal lenyuke kakhulu ngoba bawu-38 573 abafundi abaphase ngendlela yokuba bamukeleke emanyuvesi (Bachelor’s).

“Ukunyusa izinga lamaBachel­or ngalolu hlobo, kuyasithok­ozisa ngoba kukhomba ukuthi sikhiqize ikhwalithi. Siyethemba ukuthi nasezikhun­gweni zemfundo ephakeme bazomukelw­a," kusho uMnu Dlungwane.

Uthe ngo-2016 iMaths iphaswe ngo37.9%, kwathi ngo-2017 isifundazw­e sanyukela ku-41.9%.

UNgqongqos­he wezeMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, uthe iKwaZulu-Natal, i-Eastern Cape, iGauteng, iLimpompo neWestern Cape, yizona izifundazw­e ezikhiqize o-A abaningi. Bawu-75 600 kanti amaBachelo­r awu-141 700 kuzwelonke.

IKwaZulu-Natal ibinabafun­di abawu-151 258 ababhalise ngokugcwel­e, bawu-41 009 abebebhali­se ngokungagc­wele, bawu-13 103 ababhale imfundo yabadala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa