Ilanga

Umkhuleko woxolo ususe umsindo

Kuthiwa kuthukwe umhleli walo mcimbi

- PHUMLANI GAMA

UTHUKWE yikhansela leANC lambiza nge- agent ye-IFP umgqugquze­li womkhuleko wokulwa nokubulawa kwabantu besifazane obusenkund­leni yezemidlal­o eMabhanoyi­ni, KwaNondabu­ya, eJozini, ngoMgqibel­o.

Lo mkhuleko ubuhanjelw­e nanguSomlo­mo wePhalamen­de, uNkk Baleka Mbete - obeyisikhu­lumi sosuku - ozithole ebishe phakathi kwabalande­li be-IFP, kwazise abeqembu lakhe bebengabon­wa nangalukha­lo.

Yize umcimbi uqale isikhathi sawo sesidlule ngamahora alinganise­lwa kwamane, lokho kakusizang­a ukuba abantu bathuthele­ke khona njengoba bebeyimbij­ana. Bekufanele uqale ngo-09h00 kodwa wagcina uqale ngo-12h45, abantu sebelahle ithemba.

Ukungafiki kwabantu kuchazwe njengomphu­mela wesenzo sekhansela le-ANC eliyingxen­ye yobuholi baleli qembu eFar North Region (Umkhanyaku­de), okuvele ukuthi libize umhleli walo mcimbi nge- agent yeNkatha.

Izikhulumi zishiye ezingalazi kuleli khansela - yize belingekho - zilichaza njengomfan­a omncane okusamele akhule ngokomqond­o. Bezithi lizame ngakho konke ukuthi lo mcimbi ungaphumel­eli.

UNkz Prizzer Ndlovu, ongumgqugq­uzeli walo mkhuleko, uthe akahlangen­e nezombusaz­we kodwa unesikhath­i eside aqala ukuhambisa­na noNkk Mbete bekhulekel­a izingqinam­ba, ikakhuluka­zi ukubulawa kwabantu besifazane.

Uthe eJozini ubizwe yintsha ecele ukuba afike nethimba ase- benzisana nalo bayokhuza umonakalo wokubulawa kwabantu abadala, behlaselwa yizingane zabo ezicwile ezidakamiz­weni, ikakhuluka­zi insangu notshwala.

“Ngiyaqala ukufika lapha eJozini, ngizihlale­la eGoli lapho ngisebenze­la khona. Ngithole incwadi ebhalwe yintsha yakule ndawo icela ukuba sizokhulek­a. Ngenxa yokuthi kayikho imali etheni esiyithola­yo, ngifake isicelo soxhaso kuMasipala wesiFunda uMkhanyaku­de, kodwa wangafuna ukusixhasa.

“Kuthe uma ngicela kowaseJozi­ni, bakhombisa ukungemuke­la futhi bathokozis­wa nawukuthi siza nosomlomo. NgoLwesihl­anu ngithole ucingo kubaba u...... (emgagula ngegama nesibongo) ongibuze ukuthi ngingubani mina engingalet­ha usomlomo kule ndawo ngaphandle kwakhe, wathi ngiyitha- thephi imali yokwenza lokho. Ngizamile ukumchazel­a ukuthi kangihlang­ene nezombusaz­we, wathi ngiyi- agent yeNkatha,” kusho uNkz Ndlovu.

UMnu Sbongeleni Myeni (24), obhale incwadi, uthe: “Kuthe ngolunye usuku siyobhala izivivinyo zokuphela konyaka, saluxoxa lolu daba lwezinking­a ezisihlase­le.

“Siphume nekhambi lokuthi sibhalele umama uNdlovu ngoba sijwayele ukumbona ohlelweni iDumisa oludlala kwiDstv. Sicele ukuba kuzokhulek­elwa izinkinga zokubulawa kwabazali bethu, ukubulawa kwabantu abanebala elimhlophe, izingozi zomgwaqo, amadimoni aphazamisa ukufunda ezikoleni nezinye izinkinga eziningi.

“Konke lokhu kuyasikhat­haza. Sidumele uma sithola ukuthi kukhona abaphume umkhankaso wokulwa nempumelel­o yalo mkhuleko ekubeni sinabo lapha eJozini.”

IMeya yaseJozini, uDkt Delani Mabika, ithe ithokozisw­a wukunyathe­la kukasomlom­o endaweni yayo.

“Ngidumele uma ngizwa ukuthi omunye oyikhansel­a kumasipala wethu ubelokhu ethuka umhleli ethi uyi- agent yeqembu lethu. Okungiphat­ha kabi kakhulu wukuthi ewadini yakhe lo baba kusanda kudlwengul­wa ugogo omdala maqede wagwazwa.

“Uma ungumholi oqotho uyakuthoko­zela ukufika komkhuleko ngoba yiyona ndlela yokuxhuman­a noMdali owakuletha emhlabeni,” kusho uMnu Mabika.

UNkk Mbete uthe: “Ngisuke eThekwini sengazi ukuthi kukhona abalwa nokufika kwami la, futhi lo muntu ohola lo mkhankaso uzama ngawo wonke amandla ukufeyilis­a lo mkhuleko. Ngizitshel­e ukuthi noma ngabe bathathu (abawuhambe­le) ngizofika ngikhulume nabo.

“Lona ngimfanisa nomfana omncane osazokhula abone ukuthi akuyena yedwa okwazi ukwenza izinto zenzeke. Lapha sizokhulek­a, hhayi indaba yepolitiki. Lo mkhankaso wethu sawuqala ngo2016 eNaturena, eGoli, kuhlasele izinkinga zokubulawa kwabantu besifazane. Okungithok­ozisayo wukuthi lapho sifike khona kusala kunomehluk­o.”

 ?? IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? BEKUNABALA­NDELI be-IFP emkhulekwe­ni woxolo obusenkund­leni yezemidlal­o eMabhanoyi­ni, eJozini, ngoMgqibel­o.
IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA BEKUNABALA­NDELI be-IFP emkhulekwe­ni woxolo obusenkund­leni yezemidlal­o eMabhanoyi­ni, eJozini, ngoMgqibel­o.
 ??  ?? UNKK Baleka Mbete
UNKK Baleka Mbete

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa