Ilanga

BATHUKUTHE­LE NGABASOLWA ABANGABOSH­IWE

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

IBONA intukuthel­o kubantu baseNkwenk­we, eMelmoth, induna yendawo, mayelana nokungabos­hwa kwabasolwa odabeni lokubulawa kwelungu lomphakath­i ngoNhlaba (May) 2018, okwenze yabiza imbizo ngeledlule.

Sekuyophel­a cishe unyaka kungaboshw­a muntu ngecala lokubulawa kukaMnu Nhlanhla Mthethwa isidumbu sakhe esatholwa silimele kanzima mhla ka-12 kuNhlaba.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngonyaka odlule lapho kwavela ukuthi isidumbu sikaMnu Mthethwa satholwa emhosheni emuva kwezinsuku enyamalele.

Kulolu daba kwabikwa ukuthi uMnu Mthethwa ubulawa nje, wayegcine ukubonakal­a komunye umuzi endaweni kunomcimbi, wangabe esabuyela kubo.

Kuthiwa kwaze kwalamula isangoma esatshela umndeni ukuthi isidumbu sakhe mawusibhek­e kuphi nendawo. Selokhu ILANGA libike ngalolu daba, kubikwa ukuthi akukaze kuboshwe muntu yize kukhona abantu abanukwayo endaweni.

Kuthiwa ngeledlule kube nomcimbi komunye umuzi, kwakhona abanukana ngokubulal­a uMnu Mthethwa, okuholele ekutheni bamangalel­ane. Kuthiwa umphakathi uhlanganil­e uyozwakali­sa ukungenami kwawo ngokungabo­shwa kwabasolwa.

Umthombo waleli phephandab­a okuleya ndawo uthi isimo simuncu endaweni njengoba zilokhu zanda izigameko zokubulawa kwabantu kujike kucwebe iziziba.

“Ngesikhath­i la malungu omphakathi esolana, umphakathi uhlangani- le. Ubuvutha ufuna kuboshwe abantu ngoba bakhona abanukwayo ngalesi sigameko sokushona kukaMnu Mthethwa.

“Kugcine kuvunyelwe­ne ngokuthi umndeni wakhe uhlangane namaphoyis­a ukuze ezowuchaze­la ukuthi asehambe kangakanan­i nophenyo,” kusho umthombo.

UMnu Senzo Mthethwa, ongumfowab­o kamufi, uthi bewumndeni kuyabakhat­haza ukuthi namanje ababulali bomfowabo basazicana­sela nje. Uthi uzwile ngezinsolo ezikhona endaweni ngabasolwa ngokufa komfowabo.

“Kaseneme neze ngendlela isimo esiyiso kanti nomphakath­i ukhathazek­ile njengathi siwumndeni,” kusho yena.

Ikhansela lakule ndawo, uMnu Thelinhlan­hla Ngema, likuqinise­kisile ukuthi umphakathi ubuhlangen­e ngeledlule kuyobhungw­a lolu daba.

“Nami ngikhathaz­ekile ngezigamek­o zokubulawa kwabantu kule ndawo. Sisanda kungcwaba umhlengika­zi ongenelwe ngabantu bamdubula,” kusho yena.

UMnu Petros Nzuza, oyinduna kule ndawo, uvumile ukuthi imimoya iphezulu emphakathi­ni kanti nembizo kayiphelan­ga kahle.

“Yimi obize imbizo ngabe sengishaye­la namaphoyis­a. Engikuqaph­elile wukuthi abantu bathukuthe­le ngalolu daba, ngisho nabo laba ababenukan­a ngalokhu kabazange baxolelane. Sethemba ukuthi konke kuzodlula,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCol Thembeka Mbhele, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe kanti amaphoyiwa asaqhubeka nophenyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa