BATHUKUTHELE NGABASOLWA ABANGABOSHIWE
IBONA intukuthelo kubantu baseNkwenkwe, eMelmoth, induna yendawo, mayelana nokungaboshwa kwabasolwa odabeni lokubulawa kwelungu lomphakathi ngoNhlaba (May) 2018, okwenze yabiza imbizo ngeledlule.
Sekuyophela cishe unyaka kungaboshwa muntu ngecala lokubulawa kukaMnu Nhlanhla Mthethwa isidumbu sakhe esatholwa silimele kanzima mhla ka-12 kuNhlaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngonyaka odlule lapho kwavela ukuthi isidumbu sikaMnu Mthethwa satholwa emhosheni emuva kwezinsuku enyamalele.
Kulolu daba kwabikwa ukuthi uMnu Mthethwa ubulawa nje, wayegcine ukubonakala komunye umuzi endaweni kunomcimbi, wangabe esabuyela kubo.
Kuthiwa kwaze kwalamula isangoma esatshela umndeni ukuthi isidumbu sakhe mawusibheke kuphi nendawo. Selokhu ILANGA libike ngalolu daba, kubikwa ukuthi akukaze kuboshwe muntu yize kukhona abantu abanukwayo endaweni.
Kuthiwa ngeledlule kube nomcimbi komunye umuzi, kwakhona abanukana ngokubulala uMnu Mthethwa, okuholele ekutheni bamangalelane. Kuthiwa umphakathi uhlanganile uyozwakalisa ukungenami kwawo ngokungaboshwa kwabasolwa.
Umthombo waleli phephandaba okuleya ndawo uthi isimo simuncu endaweni njengoba zilokhu zanda izigameko zokubulawa kwabantu kujike kucwebe iziziba.
“Ngesikhathi la malungu omphakathi esolana, umphakathi uhlangani- le. Ubuvutha ufuna kuboshwe abantu ngoba bakhona abanukwayo ngalesi sigameko sokushona kukaMnu Mthethwa.
“Kugcine kuvunyelwene ngokuthi umndeni wakhe uhlangane namaphoyisa ukuze ezowuchazela ukuthi asehambe kangakanani nophenyo,” kusho umthombo.
UMnu Senzo Mthethwa, ongumfowabo kamufi, uthi bewumndeni kuyabakhathaza ukuthi namanje ababulali bomfowabo basazicanasela nje. Uthi uzwile ngezinsolo ezikhona endaweni ngabasolwa ngokufa komfowabo.
“Kaseneme neze ngendlela isimo esiyiso kanti nomphakathi ukhathazekile njengathi siwumndeni,” kusho yena.
Ikhansela lakule ndawo, uMnu Thelinhlanhla Ngema, likuqinisekisile ukuthi umphakathi ubuhlangene ngeledlule kuyobhungwa lolu daba.
“Nami ngikhathazekile ngezigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo. Sisanda kungcwaba umhlengikazi ongenelwe ngabantu bamdubula,” kusho yena.
UMnu Petros Nzuza, oyinduna kule ndawo, uvumile ukuthi imimoya iphezulu emphakathini kanti nembizo kayiphelanga kahle.
“Yimi obize imbizo ngabe sengishayela namaphoyisa. Engikuqaphelile wukuthi abantu bathukuthele ngalolu daba, ngisho nabo laba ababenukana ngalokhu kabazange baxolelane. Sethemba ukuthi konke kuzodlula,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCol Thembeka Mbhele, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe kanti amaphoyiwa asaqhubeka nophenyo.