ABE-HIP HOP BAWUVULE KAHLE UNYAKA E-BAT CENTRE

Ilanga - - Izindaba - LUCKY CAIN [email protected]

BAWUVULE ngegiya eliphezulu unyaka abathandi bomculo we- hip hop eThekwini njengoba kuswelakale indawo yokunyathela eBat Centre emcimbini obuhlanganisa i-Old Skool neNew Skool kulolu hlobo lomculo.

Lo mcimbi obungoMgqibelo bese wenzeka okwesithathu kulo nyaka njengoba kuba yiwona wokuqala wokuvula unyaka emunxeni we- hip hop eThekwini.

UZakwe, ongumhleli walo mcimbi, utshele ILANGA ukuthi umangele ngendlela abathandi be- hip hop abaphume ngobuningi ngayo.

“Ngingasho ukuthi okwenzeke ngoMgqibelo kungimangazile kakhulu. Isibalo sikhombise ukukhula uma ngiqhathanisa kuneminyaka eyedlule nokuyinto esithokozise kakhulu njengabahleli bomcimbi,” kusho uZakwe naye oqhulule amanoni akhe kwachazeka abantu.

Uthi nakuba iBat Centre iphenduke yaba ncane kodwa abazimisele ukuyishintsha le ndawo ngonyaka ozayo kwazise bayithatha njengethempeli lomculo we- hip hop eThekwini.

“Uma ubheka iningi lethu elicula i- hip hop eThekwini siqale khona la, nalabo bakwezinye izindawo uma befuna ukuthula amaalbhamu abo bebefikela eBat Centre ngakho iyigugu kithina,” kusho lo mrepha obeshiyelana inkundla nabanye okubalwa kubo uBig Zulu, Abdus, Dream Team, Shon G, Moja Pooh, Liquid KZN, WTF, Mnqobi Yazo, Skye Wanda nabanye abaningi.

Kulo mcimbi bekuhlanganiswa omrepha bakudala nalabo abasebasha abangenisayo kulo mkhakha.

IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

UZAKWE eqhulula amanoni akhe eBat Centre ngoMgqibelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.