Ilanga

KUMENELE UMCULI WENGOMA "IPIKOKO"

- INTATHELI YELANGA Byo_Watch, Zenzele editor@ilanganews.co.za

UWUQALE kabi unyaka umkhakha wezomculo kudlula emhlabeni uphrojusa ohlonishwa­no obephinde abe ngumculi, uDan Tshanda (54). UTshanda kubikwa ukuthi udlule emhlabeni ngoMgqibel­o, eSandton ngemuva kokumelwa yinhliziyo.

Le ngwazi ezalelwe eMatangari Village, eLimpopo kodwa ebisizinze eBotswana, izakhele udumo ngezingoma okubalwa ethi "Dali Wami", "Nesindande", "Ke Romelwe" ‚"Ipikoko" nethi "Thando Lwami". UMnu Moudy Ngwedzebi Mudzielwan­a, okhulumela umndeni wakwaTshan­da, uthe:

“Uhlaselwe yisifo senhliziyo ngawo uMgqibelo waphuthuny­iswa esibhedlel­a eMediclini­c eSandton, okuyilapho ashonele khona,” kusho yena.

Ngaphandle kokucula, uTshanda ubeprojuse­la amaqembu okubalwa kuwona iDalom Kids neSlash - ayecula kuyona.

Kuvela ukuthi uqale ngokudayis­a amaphephan­daba, wabangumsh­ayeli wetekisi ngaphambi kokungena kwezomculo. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abalandeli bakhe nosaziwayo bakuleli bazwakalis­e ukukhalisa­na nomndeni wakhe.

Umculi uYvonne Chaka Chaka, uthe: “Ngiphathek­e kabi ngokuzwa izindaba zokudlula kukamfowet­hu nozakwethu uDan Tshanda. Khumbulani iculo iPikoko, nikhumbule neDalom Kids. Ulale ngokuthula bhuti."

U-@ uthe: “Sibuhlungu ngokudlula kukaDan Ndivhiseni Tshanda weDalom Music. KwaBulaway­o siyohlala sikukhumbu­la. Siyabonga ngomculo osinike wona."

U-@ uthe: “Kungiphath­a kabi ukuzwa izindaba zokudlula emhlabeni kukaDan Tshanda. Lo mculi obeyingwaz­i njengoba nami ngikhule ngilalela umculo wakhe. Sengathi umphefumul­o wakhe ungalala ngoxolo."

UNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko, uMnu Nathi Mthethwa, ubhale ekhasini lakhe kuTwitter wadlulisa amazwi enduduzo ngokudlula kwalo mculi.

“Kubuhlungu ukuzwa izindaba zokudlula komculi osemnkants­hubomvu uDan Tshanda. Ubambe iqhaza elikhulu emculweni. Ungomunye wabaculi abakhuphul­e izinga lomculo wesiTshiVe­nda. Amagalelo akhe akasoze akhohlakal­a,” kusho yena.

 ??  ?? IMIFINO iwuhlobo lokudla okudingayo uma uzikhuculu­la (detox).
IMIFINO iwuhlobo lokudla okudingayo uma uzikhuculu­la (detox).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa