Ilanga

Kubaluleki­le ukuzikhucu­lula ngendlela ephephile

- Phumelela@ilanganews.co.za

ASEPHELILE amaholide kaKhisimus­i lapho bekudliwa khona izibiliboc­o ezahlukene nsukuzonke, njengoba sekuqala unyaka umzimba udinga ukukhuculu­lwa ( detox).

Ukukhuculu­la umzimba kuyasiza ekutheni umuntu ahlanze ingaphakat­hi lakhe, abenesikhu­mba esihle. Kuvamile ukuthi abantu abaningi bahambele kude nokukhucul­ula wonke udoti ongene emzimbeni ngenxa yezibilibo­co ngoba besaba ukulandela imigomo yakhona.

Zihlukene izindlela zokukhucul­ula umzimba, zivame ukuholela nasekubeni ozisebenzi­sayo abe nesikhumba esihle. Abanye abantu bahlanza imizimba yabo ngokugquma ngoba kunomthele­la omuhle ekukhameni amafutha azike esikhunjen­i

asenza sichiche, yize kuvele kusize ukukhuchul­ula amafutha asebusweni kuphela.

UDkt Nhlakaniph­o Gumede - obuye abhalele ILANGA ingosi yezempilo - uthi kubaluleki­le ukuthi abantu uma bekhuculul­a imizimba baphuze kakhulu amanzi ngoba ayasiza emzimbeni futhi aphinde enze nesikhumba sibe sihle.

Kubaluleki­le ukuthi ukudla komuntu kubhalanse ukuze umzimba uzothola izithako ozidingayo, ungashodi ngalutho. Uthi abantu bake benze iphutha lokuthi uma bekhuculul­a imizimba, badle kakhulu imifino besebezinc­intsha inyama, kanti lokho kakulungil­e ngoba umzimba uyawadinga ama- protein.

“Angikukhut­hazi ukuphuza into yokukhipha uma uzikhucu- lula ngoba ingakuyisa kakhulu endlini encane uze uphelelwe ngamanzi emzimbeni, okungagcin­a ngokuthi uvuke esibhedlel­a. Ukuze umzimba usebenze kahle, kumele ube namanzi anele emzimbeni.

Ukuchatha nokuphalaz­a nakho kangikukhu­thazi ngoba kwesinye isikhathi izinto ezisetshen­ziswayo akwaziwa ukuthi zithakwa ngani futhi zizokuphat­ha kanjani ngoba kuyenzeka ukuthi isikalo sesithako sincane noma seqile kanti lokho kuyingozi,” kusho uDkt Gumede.

Uthi ukukhuculu­la akumele kuthathe izinsuku ezingaphez­ulu kweziwu-30.

Ukugxumela izinto eziningi zokuzikhuc­ulula ezinga- thathwa njengeziph­ephile - ngenxa yokuthi aziqinisek­isiwe ngodokotel­a -kungagcina kwenza lowo muntu aphume engena ezibhedlel­a ngenxa yomonakalo angazithol­a esebhekene nawo.

Uthi kunezinhlo­bo zokudla okunempilo okumele umuntu azidle ukuze uhlelo lwakhe lokuzikhuc­ulula luhambe kahle.

Wukudla okune- fiber, okubalwa i- rice elinsundu, iklabishi, izithelo nemifino.

Wukudla okuno- vitamin C, okubalwa kukhona amawolints­hi nekhabe.

Wukuphuza amanzi ayisikalo sezingilaz­i eziwu-8 ngosuku.

 ?? ISITHOMBE NGABE: WWW.MODERNHONE­Y.COM ?? UKUPHUZA amanzi amaningi kusiza ekukhuculu­leni umzimba.
ISITHOMBE NGABE: WWW.MODERNHONE­Y.COM UKUPHUZA amanzi amaningi kusiza ekukhuculu­leni umzimba.
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: PINTEREST ?? UMA ufuna ukuzikhucu­lula ungakushal­azeli ukudla okunovitam­in C.
IZITHOMBE NGABE: PINTEREST UMA ufuna ukuzikhucu­lula ungakushal­azeli ukudla okunovitam­in C.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa