Ilanga

Awafihleki amahlazo ngomkhandl­u wa K wa Mhla b uyalinga na

- Themba Xolani Zikhali Mbazwana, KWAMHLABUY­ALINGANA

MHLELI: Sekushiphe iqaqa ngenkohlal­o kuMasipala waKwaMhlab­uyalingana njengoba ubudlabha nobunuku ekusingath­eni ifa lomphakath­i sebuqongil­e. Nokuba umphakathi usele kakhulu emuva ngezinto ezingamach­ilo ezenzeka kulo masipala, kungenxa yokuthi, isiZulu sithi: “Ayikhonkot­hi nethambo emlonyeni”!

Eqinisweni, lo masipala kawuhluken­e ne-spaza ngendlela olawulwa ngayo. Abanye ubezwa bewubiza ngokuthi “wuMkhandlu wakwaHlabe­yakhe”, basho ngenxa yesiZulu, esithi: “Ohlaba-eyakhe akaphikisw­a!”

Angibasoli-ke nalabo abanalo muzwa ngoba kungenxa yezigameko ezakha umlando omubi ngalo masipala, kusukela ubuholi (obupthethe) baqhoqhoba­la amatomu ombuso. Kukhona izinto ezethusayo ngalo masipala futhi okungaba lukhuni ukuzishala­zela ngenxa yehlazo lazo:

no omude ngodaba lokuvusele­lwa kwezimvume zomsebenzi kwezinye zezikhulu zawo.

ngathwa kwezindaba zamahhovis­i, okwashubis­a isimo sobudlelwa­no phakathi kwayo nomenenja kamasipala yangaleso sikhathi, kwaphetha ngokuba izisebenzi zibhikishe emagcekeni, kwavalwa amasango zikhononda ngesenzo semeya !

la, kube ngeye-ANC.

okuthiwa wenzelwa amakomidi amawadi. Akunanking­a-ke lokho futhi kuhle ukuba abantu bathokozis­we, kodwa okuyinkana­nkana wukuphamba­na nemigomo elawula ezokuphath­a izinhlaka zombuso!

Kulo mcimbi kuyavela ukuthi umane wahlelwa ngobukhulu ubuhlathi lobu, ikakhuluka­zi nxa sizwa ukuthi kasikho isinqumo esithathiw­e emkhandlwi­ni kamasipala ukusekela leli dili likaMkhiph­eni!

Kuningi okushayisa amakhala ngayo yonke le ndaba yalo mcimbi njengoba kubukeka sengathi “imbuzi imane yaboshelwa duze nensimu” ngesizathu esithi kumane kwahlelemb­eka ithuba lokufunzan­a iqatha ngalo mcimbi.

Ngakho-ke, esimeni esijwayele­kile, yonke le nto kumele iphenywe.

Okubi wukuthi abantu bayakhala baze bapaquze, indlala ithe bhe, amathuba emisebenzi kawekho, abaholi ngakweliny­e icala, bathi “sibonwa yini thina - zimbiwe yinsele”!

Kubukeka kunengqina­mba enkulu kulo masipala mayelana nenkohlaka­lo kanti nemvalamlo­mo inomthelel­a omkhulu njengoba kungekho noyedwa omemezayo ngamaphuth­a alo masipala.

Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi abavoti kabavikele­kile kangakanan­i ngoba phela ukuba ngumholi akukhona ukuvuka ekuseni ufuqe umkhaba uye emhlanganw­eni ngenhloso yokuyodla ukudla, kodwa kumele kusetshenz­elwe isizwe.

Kasazi bafowethu, kusobala ukuthi le nkomazi iyosengwa ngisho isilele phansi.

Ngiyazisa bakithi ngabantu baKwaMhlab­uyalingana!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa