Awafihleki amahlazo ngomkhandlu wa K wa Mhla b uyalinga na
MHLELI: Sekushiphe iqaqa ngenkohlalo kuMasipala waKwaMhlabuyalingana njengoba ubudlabha nobunuku ekusingatheni ifa lomphakathi sebuqongile. Nokuba umphakathi usele kakhulu emuva ngezinto ezingamachilo ezenzeka kulo masipala, kungenxa yokuthi, isiZulu sithi: “Ayikhonkothi nethambo emlonyeni”!
Eqinisweni, lo masipala kawuhlukene ne-spaza ngendlela olawulwa ngayo. Abanye ubezwa bewubiza ngokuthi “wuMkhandlu wakwaHlabeyakhe”, basho ngenxa yesiZulu, esithi: “Ohlaba-eyakhe akaphikiswa!”
Angibasoli-ke nalabo abanalo muzwa ngoba kungenxa yezigameko ezakha umlando omubi ngalo masipala, kusukela ubuholi (obupthethe) baqhoqhobala amatomu ombuso. Kukhona izinto ezethusayo ngalo masipala futhi okungaba lukhuni ukuzishalazela ngenxa yehlazo lazo:
no omude ngodaba lokuvuselelwa kwezimvume zomsebenzi kwezinye zezikhulu zawo.
ngathwa kwezindaba zamahhovisi, okwashubisa isimo sobudlelwano phakathi kwayo nomenenja kamasipala yangaleso sikhathi, kwaphetha ngokuba izisebenzi zibhikishe emagcekeni, kwavalwa amasango zikhononda ngesenzo semeya !
la, kube ngeye-ANC.
okuthiwa wenzelwa amakomidi amawadi. Akunankinga-ke lokho futhi kuhle ukuba abantu bathokoziswe, kodwa okuyinkanankana wukuphambana nemigomo elawula ezokuphatha izinhlaka zombuso!
Kulo mcimbi kuyavela ukuthi umane wahlelwa ngobukhulu ubuhlathi lobu, ikakhulukazi nxa sizwa ukuthi kasikho isinqumo esithathiwe emkhandlwini kamasipala ukusekela leli dili likaMkhipheni!
Kuningi okushayisa amakhala ngayo yonke le ndaba yalo mcimbi njengoba kubukeka sengathi “imbuzi imane yaboshelwa duze nensimu” ngesizathu esithi kumane kwahlelembeka ithuba lokufunzana iqatha ngalo mcimbi.
Ngakho-ke, esimeni esijwayelekile, yonke le nto kumele iphenywe.
Okubi wukuthi abantu bayakhala baze bapaquze, indlala ithe bhe, amathuba emisebenzi kawekho, abaholi ngakwelinye icala, bathi “sibonwa yini thina - zimbiwe yinsele”!
Kubukeka kunengqinamba enkulu kulo masipala mayelana nenkohlakalo kanti nemvalamlomo inomthelela omkhulu njengoba kungekho noyedwa omemezayo ngamaphutha alo masipala.
Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi abavoti kabavikelekile kangakanani ngoba phela ukuba ngumholi akukhona ukuvuka ekuseni ufuqe umkhaba uye emhlanganweni ngenhloso yokuyodla ukudla, kodwa kumele kusetshenzelwe isizwe.
Kasazi bafowethu, kusobala ukuthi le nkomazi iyosengwa ngisho isilele phansi.
Ngiyazisa bakithi ngabantu baKwaMhlabuyalingana!