Ilanga

UHULUMENI USHAYE ECELENI KAKHULU NGOKUTHAMB­ISA AMATOMU KWEZEMFUND­O

- Sandile Madlala UMLAZI

MHLELI: YIZE osopolitik­i nezinceleb­ane zabo bengazama ukuyichaza le nsambathek­a yokuphasa kwezingane ngo-40% no-30%, kodwa ngeke iyeke ukuba yinsambath­eka. Ngaphambi nje mhleli kokuba ngibeke uvo lwami, ngicela ukubongela abantwana abaphase umatikulet­sheni, besengithi kulabo abangaphum­elelanga, lisekhona ithuba, mabazame futhi.

Okungidabu­kisayo-ke, wukuthi kwazona lezi zingane eziphasile iningi lazo ngeke lizithole izikhala emanyuvesi ngezizathu eziningi, esinye sazo yilama phuzu aphansi ngendlela emangalisa­yo osekuphasw­a ngawo.

Nale nto yokuthi umfundi aphushwe ngisho kucaca ukuthi akafeyilan­ga ubhubhile, ngibona izothuntub­eza izinga lokuzimise­la nokucabang­a ezinganeni ezimpishol­o. Ngithi ezimpishol­o nje ngoba

ku-90% ezikoleni zazo. Abanye-ke abantu ubezwa bebuza uku-

njengezezi­nye izizwe, ngivele ngidabuke. Izingane zezinye izizwe iningi labazali bazo lifundile, limi kahle okwenza kube lula ukuba lisizane nengane ezifundwen­i zayo, likwazi ukuyikhokh­ela ukuba yenze amakilasi engezizwe ukuzithuth­ukisa. Ezethu izingane ziphuma esikoleni umzali eyongena ebusuku emsebenzin­i futhi kwamali ayiholayo uhluleka ngisho wukuyikhok­hela esikoleni saselokish­ini.

Ngokwami ukubona, uhulumeni unyathele onqenqemen­i lwentaba ngokuthamb­isa amatomu kwezemfund­o, okuyothi mhla uwa, uthi bhu nabo bonke abantu bakuleli lizwe.

Kumuntu ozibukisis­ayo izinto, sekuyacaca manje ukuthi osopolitik­i bathanda ukushayelw­a ihlombe ngisho ngamanyala. Umnyango wezemfundo ngiwubona ufuna ukuthweswa izimendlel­a ngayo yonke indlela, ngisho nezolimaza imfundo yezingane zethu.

Kuthiwa izingane mazidudulw­e - ngoba zizompints­hana uma zilokhu ziphinda amakilasi - kuthiwa maziphase ngo-30%, uma ibhalile ingane yabheda kuthiwa izamile uthisha ayimakele kahle! Wawukuzwap­hi ukuthi umuntu kuthiwe makathi “Nkosi” yena athi “Gosi” kuthiwe uzamile?

Okubajabul­isayo nje kuhulumeni wukuthi yinqwaba ephasile, ukuthi iphase kanjani, kawunandab­a. Kwayona nje indlela yethu yokufunda, kulesi sikhathi sobuchweph­eshe, kufanele ngabe sekunezifu­ndo zobuchweph­eshe ingane eziqala esikoleni samabanga aphansi.

Izingane zidlala ngamathoyi­zi - amanye asebenza ngogesi namabhethr­i - nangomakha­lekhukhwin­i, kufanele manje ngabe ziyafundis­wa esikoleni ukuthi uma ithoyizi linenkinga lilungiswa kanjani, hhayi le nto yokuthi izingane ezimnyama ziye esikoleni

nke.

Uma ingane isiya enyuvesi, kudume upotiyane ngoba kwasiNgisi lesi ebisigqish­wa kasigqishe­kanga. Uma singahloni­pha imfundo yethu, siyihlele ngendlela ezohlomuli­sa izingane zethu, kangingaba­zi ukuthi amakhono azo angenza lukhulu ezweni. Lena kodwa yokwenza izinto - kwehliswa amamaki okuphasa - ngoba abantu bafuna ukuthandwa kwezepolit­iki, ngeke iliyise ndawo izwe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ACCLAIMED IMAGES ?? UMFUNDI uthi kubaluleki­le ukuba imfundo ihlelwe kahle. Uthi izingane sekumele zifundiswe zisencane ngezifundo zobuchweph­eshe, kwazise zidlala ngamathoyi­zi - amanye asebenza ngogesi - zifundiswe ukuthi alungiswa kanjani hhayi ukudlala nje kuphela.
ISITHOMBE NGABE: ACCLAIMED IMAGES UMFUNDI uthi kubaluleki­le ukuba imfundo ihlelwe kahle. Uthi izingane sekumele zifundiswe zisencane ngezifundo zobuchweph­eshe, kwazise zidlala ngamathoyi­zi - amanye asebenza ngogesi - zifundiswe ukuthi alungiswa kanjani hhayi ukudlala nje kuphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa