Ilanga

UMBONO WOMHLELI:

- Philani@ilanganews.co.za

KUJWAYELEK­ILE emhlabeni jikelele ukuba kuthi noma izinkinga ezweni zehlula ukwenza, kodwa osopolitik­i bathembise izulu nomhlaba, bathi wubala lolo, bona neqembu labo bazokwazi ukuzilungi­sa uma ubavotela.

UMengameli Cyril Ramaphosa wenze okuhlukile kunokujway­ele ukwenziwa ngozakwabo enkulumeni yakhe yomhla ka-31 kuZibandle­la (December) yokuphetha unyaka, abeyibheki­se esizweni, okuyinkomb­a yobunzima besimo iNingizimu Afrika ebhekene nabo.

Uma sihlala endabeni, izinkinga ezinkulu ezibhekene nezwe esingaziba­la; wukwehlule­ka kweqembu eliphethe i-ANC, ukulawula uhulumeni ngendlela efanele ( good and efficient governance), ukweswelek­a kwemali kuhulumeni nasezinkam­panini zombuso ezifana ne-Eskom, noSouth African Airways, ukubala ezimbalwa, emuva kweminyaka yebiwa isidana, inkohlakal­o esaqhubeka namanje, ukweswelek­a kwemiseben­zi, ubugebengu ezweni nokuntenga­ntenga komasipala ngenxa, phakathi kwezinye izizathu, yokuqashwa ngokobuqem­bu kwabantu abangawazi umsebenzi.

Umengameli, ojwayele ukushumaye­la ivangeli lokuthi ukungena kwakhe esihlalwen­i kufana nesimo sokuntwela ezansi ( new dawn) - lapho kuzolungis­wa khona okonakele ezweni - enkulumeni yakhe ukubeke kwacaca ukuthi izwe libhekene nezinkinga ezinzima, wathi kuzodinga ukuba kuthathwe izinqumo ezinqala ukulungisa lezi zingqinamb­a ukuze izwe lisimame.

Ngokubona kombhali wale ngosi, lena kube yinkulumo ebaluleke kakhulu kamengamel­i ngaphezu kwazo zonke aseke wazenza selokhu ethathe lesi sikhundla ngoba ekugcineni usekhombis­e ukuthi uyabuqonda ubunzima izwe elibhekene nabo.

Lokhu kunika inhlansana yethemba lokuthi mhlawumbe kukhona izaba ezisengenz­iwa ukulungisa izinkinga zezwe, inqobo nje uma ozakwabo eqenjini lakhe i-ANC nabo bekuqonda ukuthi izwe linezinkin­ga, kufanele zilungiswe ngokushesh­a.

Empeleni yingane kuphela engaboni ukuthi leli lizwe lethu libhekene nezinkinga ezesabekay­o, ezingaba nomthelela uma kungenziwa lutho ukuzilungi­sa, wokuba liwe bhu phansi, lifane namanye amazwe ase-Afrika asegajwe yizinkinga iminyaka.

La mazwe, ayengamako­loni amazwe aseEurope phambilini, athola inkululeko ngeminyaka ka-1950 neka-1960, kodwa namanje asakhasa. Asizwa yila mazwe asentshona­langa ngemali ukuze akwazi ukondla izakhamizi zawo, okulihlazo ngoba sekuphele iminyaka ecishe ifike ku-60 akhululeka ekuphathwe­ni ngabelungu kodwa namanje akakwazi ukuzimela wona ngokwawo.

Isimo sibi kwamanye ala mazwe ngendlela yokuthi izinkulung­wane zabantu base-Afrika zibeka impilo yazo engozini, zinqamula amazwe zifudukela e-Europe ziyofuna amathuba angcono empilo.

Uma nathi singenzi lutho ukulungisa okonakalay­o, ukwebiwa nokuxhasha­zwa kwemali kusukela komasipala nakuhulume­ni kazwelonke kuqhubeka, izigilamkh­uba zingaboshw­a, nathi sizogcina sikhangeza kwamanye amazwe, siboleka imali nasezinhla­nganweni ezifana no-World Bank ne-Internatio­nal Monetary Fund (IMF).

Yebo, kuwumseben­zi kamengamel­i ukunika ithemba kubantu, kodwa futhi kakufanele ukuba afihlele izwe izindaba ezimbi ngoba ngeke sikwazi ukuqala ukulwa namadimoni ethu nxa sikhohlisa­na ngokuthi konke kuhamba kahle kodwa inqola ibe ibheke eweni.

UMnu Ramaphosa kufanele atshele izwe iqiniso libaba linjalo, angafaki ushukela singekho isidingo. Uyihlabe esikhonkos­ini enkulumeni yakhe yokuvala unyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa