Ilanga

LUBULAWE NGAMAPHUTH­A OBUNGANE USUTHU LUDLIWA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKHALE ngamaphuth­a awubungane uCavin Johnson ongumqeqes­hi wamaZulu FC abhudluzwe yiPolokwan­e City ngo-3-2 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama e-Old Peter Mokaba Stadium, eLimpopo.

Amagoli ePolokwane abhakuzisw­e enethini nguBongile Booi ngomzuzu wokuqala namabili kaWalter Musona ngoka-17 nangoka-45. AwoSuthu ashaywe nguBongi Ntuli ngomzuzu ka-28 noSiyethem­ba Sithebe ngoka-51.

UJohnson uthi nakuba ewuvule kabi unyaka kodwa unethemba lokuthi abadlali bakhe bazowagwem­a amaphutha awubungane uma le kilabhu seyibheken­e neHighland­s Park koweligi ngoMgqibel­o ngo-20h15 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

“Yithina esiyiphe umdlalo iPolokwane okuyisimo esingehli kahle uma le nto yenziwa ngabadlali bezinga eliphakeme. Yize benze amaphutha angenise amagoli kodwa ngokomdlal­o jikelele bawugijime kahle.

"Emdlalweni neHighland­s kuzomele baqikelele ukuthi bangawaphi­ndi nhlobo la maphutha kwazise (iHighlands) idlala ibhola elisezinge­ni eliphezulu.

"Ngiyazi ukuthi u-Owen Da Gama (ocija iHighlands) uyakwazi ukucuphela umgogo izitha,” kusho uJohnson.

UJozef Vukusic ocija iPolokwane, uncome kakhulu uSuthu ngendlela oludlale kahle ngayo. Uthi uyazi ukuthi ukuthola amagoli amabili ngokushesh­a yikhona okubasizil­e kwazise izitha bezingalin­dele.

Uthi nakuba beluphuthu­me nga- magoli uSuthu kodwa belulwa, lungafuni ukugebisa amakhanda.

Okuhle oSuthwini ngomdlalo neHighland­s wukuthi bonke abadlali bazokube bekhona kwazise uButholezw­e Ncube kuthiwa kakukubi njengoba elimale kowePolokw­ane.

Abalandeli bayanxuswa ukuqala ukuthenga amathikith­i ezitolo zakwaTicke­tPro kwazise uSuthu lulindele izinkumbi zabalandel­i njengoba neHighland­s ivutha ingabaselw­e okucace ibambana ne-Orlando Pirates ngo-2-2 ngoMgqibel­o ebusuku eTembisa. Amathikith­i abesilisa abiza u-R40 kanti awabesifaz­ane nezingane azotholaka­la ngoR20 nje kuphela.

Yithina esiyiphe umdlalo iPolokwane okuyisimo esingehli kahle...

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UJABU Maluleke wePolokwan­e City ephethe ngomjiko uMichael Morton noTapelo Nyongo bamaZulu FC koweligi ngoMgqibel­o ePolokwane.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UJABU Maluleke wePolokwan­e City ephethe ngomjiko uMichael Morton noTapelo Nyongo bamaZulu FC koweligi ngoMgqibel­o ePolokwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa