Uyamaniswa neBucs uThuso Phala

Kuthiwa iSuperSport imkhululile ukufesa

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UKHONJWA kwi-Orlando Pirates umdlali onqabe ukwelula inkontileka nekilabhu yakhe kubangwa indaba yemali.

Inkontileka kaThuso Phala neSuperSport United iyaphela uma kusongwa le sizini. Kuvela ukuthi lo mdlali uke waba nezingxoxo nale kilabhu ngenhloso yokuba yelule inkontileka yakhe. Nokho izingxoxo zinqamukile emuva kokuba kungavunyelwananga ngemali.

Kuvela ukuthi kugcine ngokuthi le kilabhu imkhulule lo mdlali ukuba afune umsebenzi kwenye indawo, yathi ngeke ime endleleni yakhe.

Leli phephandaba lithole ukuthi uSihlalo weBucs, u-Irvin Khoza, uxoxa ngqo nalo mdlali ngenhloso yokuba azojoyina iBhakabhaka. Kuthiwa into amthandela yona wukuthi unaso isipiliyoni sokudlala e-Afrika kwazise iBucs ifuna ukungena ngamandla kule midlalo njengoba ifuna ukunqoba okwesibili emlandweni wayo iCaf Champions League.

“UKhoza umfuna uthuli lo mdlali ngenxa yesipiliyoni anaso sokudlala e-Afrika nakwiBafana Bafana. Ufuna ezakhe zingenisise kule midlalo yeCaf. Kodwa-ke kakuyona kuphela iPirates emfunayo njengoba iHighlands Park neBidvest Wits nabo bemfuna. Engikwaziyo wukuthi naye lo mfana ufuna ukuya lapho ezodlala khona,” kusho umthombo wethu oncikene kakhulu noPhala.

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.