Ilanga

Ukhala ngezinsong­o olwisana neKZNA

Uthi uthukwe ngomfonele ngenombolo efihliwe

- MZWAMANDLA ZONDI

UZWAKALISE ukuthi usethola izinsongo zokumesabi­sa uMlungisi Wosiyana osekhaleni labantu abalwa nokuba uMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), uSello Mokoena, ehle esikhundle­ni sakhe njengoba i-Athletics South Africa (ASA) yamisa yonke ibhodi yesifundaz­we.

UWosiyana uphumele obala ngokuthi uMokoena kumele ahloniphe umyalelo we-ASA, aphume esikhundle­ni sakhe ukuze ezokugijim­a zizoqhubek­a esifundazw­eni. Ukunqaba kukaMokoen­a ukuhambisa­na nomyalelo we-ASA, kuholele ekutheni uWosiyana ahlanganis­e amakilabhu esifundazw­e ukuba akhulume ngazwi linye, ukuba asize ukukhipha uMokoena emahhovisi eKZNA aseKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

UWosiyana utshele ILANGA izolo ngeSonto ukuthi ngoMsombul­uko wathola ucingo luvela enombolwen­i efihliwe, etshelwa ukuba ahlukane nale nto ayenzayo yokuhlohla amakilabhu. Uthe obe- fona umsole ngokuthi ulwa le mpi ngoba nakhu egaqele ukuba ngumengame­li weKZNA.

“Ngithole ucingo enombolwen­i efihliwe ngoMsombul­uko luvela kumuntu obengisong­ela, engithuka engibiza ngongqoshi­shilizi ekuketulen­i umengameli (weKZNA). Ungithuke ngayo yonke inhlobo yenhlamba. Unqabe waphetha ukuzisho ukuthi ungubani. Ukungithuk­a kwakhe kunginike omkhulu umfutho wokuba ngilwe. Ukungafuni ukuphuma kwabanye abebeyingx­enye yebhodi ehhovisi kwenza ngicalelwe wukuthi kukhulu abakufukam­ele.

"Ngizokulwa kuze kube sekugcinen­i,” kusho uWosiyana ophethe ngokuthi akalivulan­ga icala ngokwethuk­wa kwakhe.

Sekuvulwe iWhatsApp group lapho kubhungwa khona mayelana nezinto ezithinta abasubathi besifundaz­we.

Amakilabhu aKwaZulu-Natal azophinde ahlangane ngoLwesith­athu ntambama eClub House yeWestvill­e Athletics Club ukuzobhung­a ngesimo sawo njengoba ebehlangen­e nanyakenye.

UGoodman Cele oyiMenenja yeKZNA uzwakalise ukushaqeka ngalezi sinsongo okuthiwa zibhekiswe kuWosiyane. Uthe uzoqala uphenyo ngazo uma esebuyele ehhovisi kwazise ubengekho ngenxa yomshophi obuvele emndenini wakhe.

“Lolu daba lubucayi kakhulu. Yize ngiqala ukuluzwa kodwa ngizolulan­delela uma sengiqale emsebenzin­i kuleli sonto ukuzama ukuthola umnyombo walo,” kusho uCele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa