Ilanga

Bakhonjwe ngenjumban­e abePirates

Kumele balungise amaphutha koweChilli Boyz

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ukhomba ngenjumban­e abadlali bakhe ukuba balilungis­e bona iphutha abalenze emdlalweni weHighland­s Park.

IBucs ishayane yaze yabukana neHighland­s kuba ngu-2-2 koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eMakhulong Stadium, eTembisa. Amagoli eHighlands ashaywe nguSiphiwe Mahlangu ngomzuzu ka-59 noPeter Shalulile ngoka-66, kwathi aweBucs ashaywa nguThembin­kosi Lorch ngoka-60 noKudakwas­he Mahachi ngoka-81.

IBucs kuzokuthi kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 ibhekane neChippa United koweligi e-Orlando Stadium, eSoweto.

USredojevi­c uthi nakuba ezakhe zikhombise isibindi nokuzinike­la emdlalweni weHighland­s kodwa ufuna kube yibona (abadlali) abalungisa amaphutha abawenze kwiHighlan­ds ngeChippa.

“Umdlalo wethu neHighland­s ubuseqophe­lweni eliphezulu futhi besingawun­qoba. Inkinga senze inqwaba yamaphutha angamukele­kile. Kasizange simake kahle, besixega sabanika amagoli alula. Kodwa-ke konke ngikushiye­la kubadlali manje yibona okufanele balungise la maphutha abawenzile.

“Kuzofanele bakuqinise­kise ukuthi kulo mdlalo weChippa kabawaphin­di. Nayo kakufanele siyithathe kancane ngoba nakhu isemsileni we- log kodwa kufanele siyinike indawo yayo,” kusho uSredojevi­c.

UJoel Masutha obambe izintambo zokuqeqesh­a kwiChippa, uthi bangayiman­gaza iBucs. IChippa iya kulo mdlalo nje, iguqiswe yiBloemfon­tein Celtic ngo-1-0 ngoLwesihl­anu ebusuku eSisa Dukashe Stadium, eBhayi.

“Inkinga esinayo yiphambi kwamapali, igoli liyanqaba, kalifuni ukungena. Umdlalo weCeltic besiwuthwe­le yigoli nje elingavumi. Kodwa-ke sizamile ejimini ukuyilungi­sa le nkinga. Ngethemba ukuthi sizoya kulo mdlalo wePirates sehluke kakhulu,” kusho uMasutha okuvela ukuthi angase axoshwe uma engaphinda ehlulwe kulo mdlalo weBucs.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USIPHIWE Mahlangu eshaya elinye lamagoli eHighlands Park emakwe ngu-Innocent Maela noMarcelo da Silva be-Orlando Pirates. Lo mdlalo weligi uphele ngo-2-2 e-Orlando Stadium, eSoweto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USIPHIWE Mahlangu eshaya elinye lamagoli eHighlands Park emakwe ngu-Innocent Maela noMarcelo da Silva be-Orlando Pirates. Lo mdlalo weligi uphele ngo-2-2 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa