Ilanga

UPITSO UPHITHENE IKHANDA NGO-ANTHONY LAFFOR

- SENZO SOKHELA

UPHITHENE ikhanda ngesinqumo okufanele asenze ngomdlali wakhe omqoka ophelelwa yinkontile­ka uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns.

IDowns iwuvule kahle unyaka iguqisa iKaizer Chiefs ngo-2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto. Amagoli eDowns avalelwe enethini ngu-Anthony Laffor noLebohang Maboe, eleChiefs lashaywa nguWillard Katsande.

ULaffor (33) ushaya leli goli nje, usematheni kulezi zinsuku njengoba inkontilek­a yakhe neDowns iphela uma kusongwa isizini. Njengoba kuvulwe iwindi nje, usenalo ilungelo lokusayina inkontilek­a yesethembi­so nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo. Umataniswa nayo iChiefs okuthiwa imhalela kabi kabi.

UMosimane uthi indaba kaLaffor imphithani­sela ikhanda yingakho engafuni ukuyixhama­zelela.

“Siyazi ukuthi yini uLaffor akwazi ukuyenza ngakho-ke kangifuni ukuyixhama­zelela indaba yakhe ngoba ingiphitha­nisela ikhanda. Okwamanje kasikanqum­i ukuthi sizomisa kanjani ngaye. Kuningi okukhuluny­wayo ngaye kodwa kangifuni ukukufaka ekhanda ngoba usengumdla­li wethu,” kusho uMosimane.

Ephawula ngomdlalo, uthe luqale lwabadida uhlelo lokudlala obelusetsh­enziswa ngumqeqesh­i weChiefs, u-Ernst Middendorp.

“Ngesiwombe sokuqala usidide wasiqeda. Wenze sangakwazi ukudlala ngoba abadlali bakhe basezimpon­dweni emuva bebesingen­ela ngendlela esingayiqo­ndi.

"Ngesiwombe sesibili silungise yonke into, konke kwahamba ngokohlelo. Usenze saphefumul­a ekhipha uWalusimbi (Godfrey). Sibe nenhlanhla nangegoli esinqobe ngalo, unozinti wabo usiphile.

"Kodwa-ke ngijabule ngalo mphumela,” kusho uMosimane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-ANTHONY Laffor weMamelodi Sundowns oshaye elinye lamagoli le kilabhu iguqisa iKaizer Chiefs ngo-2-1 ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-ANTHONY Laffor weMamelodi Sundowns oshaye elinye lamagoli le kilabhu iguqisa iKaizer Chiefs ngo-2-1 ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune ngeke esabonakal­a kule sizini ngenxa yokulimala.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune ngeke esabonakal­a kule sizini ngenxa yokulimala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa